UMCULI uLady Zamar akakholwa namanje ukuthi ingoma yakhe iCollide yiyona edlalwe kakhulu emisakazweni yakuleli ngonyaka odlule.
NgokweRadiomonitor South Africa, okuyiyo ebheka ukudlalwa kwezingoma emisakazweni, iCollide idlalwe izikhawu ezingu-12 167 eziteshini ezingu-105 yalalelwa ngabantu abangu-1.2 billion.
“Bengingalindele ngempela kodwa kuyangijabulisa ngoba uma senza umculo sisuke senzela abantu ukuthi bawujabulele,” kusho uLady Zamar.
Uthe ufuna ukwenza ezinye izingoma ezizohlala esicongweni.
“Impumelelo ifakana ngaphansi kwengcindezi yokuthi wenze kangcono ngoba awukwazi ukuphinda into efanayo. Umculo ufana nokuzala amawele, abukeka efana kodwa ahlukile. Nomculo ngeke ufane kodwa ongakwenza ukuthi ufake umfutho ofanayo noma ngaphezulu uma uwenza bese uyathemba ukuthi abantu bazohlale bewuthokozela,” kuchaza uLady Zamar.
ICollide ikwi-albhamu iKing Zamar ephume ngo-2017 futhi eyanqoba indondo yeBest Dance kumaSouth African Music Awards ngonyaka odlule.
Uveze ukuthi kulo nyaka uzokhipha i-albhamu entsha.
“Nakanjani ngizokhipha i-albhamu kodwa angikaqinisekisi ukuthi ngizosebenza nobani kuyona. Ngaphandle kwalokho ngifuna ukubuyisela emphakathini ngokuthi ngifundise abantu abasha,” kuchaza yena.
Uphethe ngokugqugquzela abantu ngokuthi uma bengaphumeleli ezintweni abazenzayo kumele bangaliphosi ithawula.
“Ngisho ungawuphumelelanga * -matric ungacabangi ukuthi awuhlakaniphile. Kumele uphinde uzame futhi uzophumelela. Buyela esikoleni, ushintshe indawo ushintshe nesikole uma kunesidingo.