UMSAKAZI woKhozi FM uSelbeyonce Mkhize ubekhona ukuzokweseka uzakwabo uDudu Khoza egubha usuku lwakhe lokuzalwa nezingane KwaMashu ngoMgqibelo
UMSAKAZI woKhozi FM uSelbeyonce Mkhize ubekhona ukuzokweseka uzakwabo uDudu Khoza egubha usuku lwakhe lokuzalwa nezingane KwaMashu ngoMgqibelo
BEKUKHONA nosaziwayo ngesikhathi uDudu Khoza egubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoMgqibelo KwaMashu. Phakathi kwabo kubalwa uDJ Kotin, Naima Kay, DJ Boonu, Happy Gal, Ayanda Ncwane nabanye Isithombe: FANELESIBONGE BENGU

UMSAKAZI woKhozi FM uDudu Khoza ehlanganyele nezingane abegubha nazo usuku lwakhe lokuzalwa KwaMashu ngoMgqibelo
UMSAKAZI woKhozi FM uDudu Khoza ehlanganyele nezingane abegubha nazo usuku lwakhe lokuzalwa KwaMashu ngoMgqibelo
ISILOMO somsakazi woKhozi FM, uDudu “Lady D” Khoza sithi sesikhathele ukuthi usuku lwaso lokuzalwa lube ngaso yingakho sesathatha isinqumo sokugubha nabantu.

Lokhu uLady D ukusho ngoMgqibelo KwaMashu Fan Park lapho kade egubha khona usuku lwakhe lokuzalwa emcimbini obizwa nge #LadyDBirthdayDrive. Ubeligubha nezingane ezingu-200, iningi lazo ezingenabani.

“Minyaka yonke ngihlale ngithola izipho. Ngonyaka odlule ngithathe isinqumo sokuthi sekwanele ukuthi usuku lwami lokuzalwa lube ngami. Kuyangijabulisa ngendlela emangalisayo ukubona ngihlanganyele nabantu kanje ngoba ngiyabathanda,” kusho uLady D.

Ngonyaka odlule usuku lwakhe walugubha nabahlala emgwaqweni e-Amphitheatre ngaseNorth Beach, eThekwini, lapho ayebapha khona izimpahla zokugqoka ezanikelwa ngabantu.

Uthe abantu bambiza ngomama futhi lokho sekwenze waba wumngani nabazali babo. Wenze isibonelo ngoBlack Coffee unina, uFaith Dandala, obekhona emcimbini.

Ubonge abantu abamesekele okubalwa kubo uLawrancia Mqwebu, Sma Mathibeli, White Star Maize Meal nosaziwayo abebekhona.

Phakathi kwabebekhona kubalwa ithimba loKhozi FM obekukhona kulo uSelbeyonce Mkhize, Nkosinathi Mshengu, Phindile Khuzwayo, Amanda Khanyile, umsakazi weGagasi FM, uMzokoloko, DJ Happy Gal, Kotin, Slot, Oros, DJ Tira, Zodwa Wabantu, Tipcee, Dladla Mshunqisi, Ayanda Ncwane, Naima Kay, Lasandra, DJ Sjerere, Dumi Mkokstad, uMiss Soweto uBusisiwe Mmotla, Donald nabanye abaningi.

Izingane zizitike ngoncamnce zaphinde zadlala zigxuma kuma-jumping castles.