UKUTHATHA umhlalaphansi kwesikhulu seSABC KwaZulu-Natal kuthiwa kungase kube nomthelela ekuphathweni koKhozi FM.
NgoLwesibili uNksz Zamambo Mkhize uthathe umhlalaphansi emuva kokusebenza kwaSABC kusukela ngo-1983. Ezihletshwayo zithi umphathi woKhozi, uBonga Mpanza nguye ozothatha izintambo, umphathi wezinhlelo kulo msakazo uZandile Tembe kube nguye umphathi wesiteshi.
Ngesikhathi uZamambo emisiwe emsebenzini ngo-2016, izintambo zabanjwa nguMpanza, uZandile wengamela Ukhozi, kwathi uPhindile Khuzwayo wengamela izinhlelo.
Akwaziwa ukuthi kuzoqhubeka ngalolu hlelo yini namanje. UKaizer Kganyago okhulumela iSABC ugcine engayiphendulanga imibuzo athunyelwe yona nge-email kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ekhuluma neSolezwe uZamambo uthe: “Ngiyabonga kubalaleli bethu kanjalo nababukeli. Ngithanda ukubonga ibhodi leSABC, abathandi nabasebenzi ngokungeseka.”
Uthe akukho okudlula ukwethembeka nokuzimisela ngokufunda uma usesikhundleni. Njengoba esethatha umhlalaphansi nje uthe ufuna ukugxila ezidingweni zomphakathi nokuchitha isikhathi nomndeni wakhe.
Unezingane ezimbili, uLungile noMalusi athe uphilela zona.
Ugqugquzele abafuna ukulandela ezinyathelweni zakhe ngokuthi bazethembe futhi babe namaphupho amakhulu.
Uthe ziningi izikhathi ezinzima adlule kuzo kodwa uyajabula ukubona abesifazane abaningi abangene kwezokusakaza.
Uthe kuningi osekushintshile kunangesikhathi eqala ngenxa yobuchwepheshe. Yayingekho i-Instagram nezingcingo zazingavulwa, abalaleli babebhalela emsakazweni.