UKUHLASELWA kuphihlizwe imoto yezihlabani zikamaskandi, Abafana BakaMgqumeni, kuphazamise ukuqoshwa kwe-albhamu yazo entsha iBawucisha Ngopharafini.
Umholi waBafana BakaMgqumeni, uNelisani “Undlemnyama” Mseleku, uthe bebematasa beqopha izingoma ezintsha eTakk Studio (okudume ukuthi ikwaJan Smith) ngoLwesibili ebusuku, baze bayeka entathakusa yayizolo.
“Sithe uma siphuma sashaqeka ukufica imoto yethu iphihlizwe iwindi, izivalo zivulwe gengelezi, kwathathwa izikhwama ezinama-ID, Passport, amakhadi asebhange nezincwadi zokushayela,” kusho uNdlemnyama.
Okunye okuthathwe emotweni amaCD nemifaniswano yeqembu.
“Izigebengu zibulala iwindi zithathe izimpahla nemali kodwa kusishaqisile ukugwazwa kwamathayi kuwo wonke amasondo. Kubuye kwathathwa ne-mixer ye-sound system, amplifier, convector namaphepha enkampani yethu, Ezebhova Music.”
Uthe usola abantu abanomona ngempumelelo yabo futhi abebezama ukuphazamisa imisebenzi yeqembu. Uthe kodwa bazoqina isibindi baqhubeke nezinhlelo zokukhipha iCD yabo entsha ngoMashi 29.
“Sifuna ibe seyitholakala eWorkshop eThekwini ngakusasa. Isihloko seCD sisikhethe ukukhombisa ukuthi konke okubi okwenzeke kithina, abazama ngakho ukusidicilela phansi, ngeke kulunge, kunalokho kusinikeza umfutho. Bafana nabathela upharafini emlilweni.”
KwiCD bacula ngokuhlanganyela noThokozani Langa noMfezemnyama.
Abafana BakaMgqumeni yiqembu elasungulwa ngabazala bakaMgqumeni.