Ezokungcebeleka

Ukushintsha kwezulu akuyiphazamisanga iGcwalisa Spring Picnic

Mbali Khanyile|Published

UMDONDO Ngcobo woKhozi FM

UKUSHINTSHA kwesimo sezulu akuyiphazamisanga iGcwalisa Spring Picnic All White izolo ebiseKing’s Park, eThekwini.

Yize liqale labalela kodwa kushone ilanga seliguqubele, kwanetha nemvula. Nezulu like lathi ukuduma kancane kodwa akukho okuphazamisekile

Ubunesasasa umcimbi obekungowokuqala ubakhona. Ukuwuthakasela kwabantu kubonakale ngokuthi kube nesiminyaminya emgwaqweni, u-Isaiah Ntshangase.

BEBEHLOBE kanje ngobuhlalu obugqamile abanye babesifazane abebehambele umcimbi weGcwalisa Spring Picnic All White izolo eKing’s Park, eThekwini

Nengqephu ibidla lubi njengoba abantu abebewuhambele bebengamalanda uqobo lwawo ngombala omhlophe namathawula athandwa ngamabhinca emibala egqamile.

UBUSELAPHI ebhikla ingoma ngesikhathi enandisa emcimbini weGcwalisa Spring Picnic All White eKing’s Park

Abanye besifazane bebehlobe ngemIbala yobuhlalu obuqhakazile, obebukudonsa ukude.

UKHANGELANI “DSD” Mhlongo

Kubaculi abanandisile singabala uDumi Mkokstad, Lamontville Cultural Ensemble, Mkhulekelwa, Falabo Khuzwayo, Jaiva Zimnike nabanye.

UBig Zulu obe ngomunye wabaculi abebenandisa ungene kwachwaza inkundla ngesikhathi eqhulula amanoni ezingoma zakhe adume ngazo.

UBIG Zulu obenandisa noLwah Ndlunkulu beqhulula amanoni ezingoma zabo ezingaconsi phansi kubalandeli babo Izithombe: NQOBILE MBONAMBI

Emanonini ezingoma zakhe ucule ethi iVoicemail, Vuma Dlozi, Imali Eningi nezinye.

Phakathi kwabebephethe uhlelo kukhona uZama “Zulu Glamour” Mthalane woMbuso Wamaciko TV, nabasakazi boKhozi FM okungoMdonso Ngcobo, noZimiphi “Zimdollar” Biyela.

Kushaye isikhathi sokushicilela kusasina kudedelana abaculi abebenandisa kuwona njengoba ubuxube yonke iminxa.