‘IMINYAKA emithathu yonke, ngangiphupha ngokuthi ngithole isitifiketi sami sika-matric,” kusho u-Ishmael Morabe ngaphambi kokuthi ahlale phansi.
Le nsizwa esizakhele igama endimeni yomculo kuleli, iza kimi nje ibuya kovakashela esinye sezikole lapho ibiyokhuluma khona nabafundi njengoba bebhala izivivinyo zokuphela konyaka.
Ungitshele ukuthi yena yize engawuqedanga uGrade 10 kodwa bekubalulekile ukuthi ayokhuluma nabafundi.
“Kwaba khona izinto ezinzima empilweni yami, ezaphoqa ukuthi ngingasiqedi isikole. Impilo ibingelula,” kusho u-Ishmael.
U-Ishmael unengoma entsha ethandwa ngabaningi futhi abanye yabashiya bemangele.
Umsuka wayo waziwa yiningi, ikakhulukazi odado njengoba iyibika lohlelo olwaziwa ngeTakalani Sesame.
Le ngoma ka-Ishmael isihloko sayo sithi Takalani (Ever Since), ucula ngokuthi kusuka kudala wayefuna ukuba umculi, abe isihlabani esidumile. Isiyonke nje ikhuluma ngamaphupho akhe kusuka ebuncaneni.
“Ngayo ngifuna ukukhuthaza abanye njengoba nami ngisuka endaweni yasemakhaya, ngaphansi kwedolobha iRustenburg.
Ngeza eGoli ukuze ngizofeza amaphupho ami okuba umculi. Yize ubunzima bangikhandla kakhulu kodwa angikaze ngiyeke ukuthi ngifuna ukugcina ngiphumelele,” kuchaza u-Ishmael.
Uthe yize eseneminyaka ekule ndima kungahambi kahle kodwa ukuyeka umculo enze okunye yinto angakaze ayicabange.
“Kunokuthi ngiyeke ngangike ngifikelwe umqondo wokuthi kunganjani ngiye emgwaqweni ngiyoziculela khona, ngithole imali kunokuthi ngiwuyeke ngokuphelele.
Uma into uyithanda uyazi ukuthi kuningi okumele ukunike abalandeli bakho. Anginendaba ukuthi abantu bathini kodwa ngiyazi ukuthi le nto ngidalelwe yona,” kuchaza yena.
U-Ishmael uqale ukucula nokudansa nabangani bakhe ngesikhathi esafunda.
Ngesikhathi efika eGoli waqala ukucula nabaculi okukhona kubo uMdu Masilela, MM Deluxe nabanye.
Ngemuva kwesikhashana wabonakala ehamba phambili eqenjini lomculo elalaziwa ngokuthi iSkeem, ngaphambi kokuthi azimele.
Waphinda wabonakala eqenjini le-hip hop, iJozi njengoba esephinde wazimela.
Kulo nyaka useke wakhipha nezinye izingoma ngaphandle kwalena, uke wakhipha ethi Gimme
Gimme Gimme kodwa engenzanga kahle.
“Bengifuna ukwenza into ehlukile ngale ngoma, abantu abangakaze bayibone. Kumele uma ungumculi uhambisane nezikhathi. Ingoma yami le ethi Gimme Gimme Gimme bengizama ukuthola ngayo abalandeli asebethe ukukhula kancane kodwa nalaba esenginabo bengifuna ukungabashiyi ngaphandle kuyo,” kuchaza u-Ishmael.
Uthe ngesikhathi ebona uDJ edlala ibika lohlelo iTakalani Sesame futhi abantu bejabula beyidansela kula kwamkhanyela khona ukuthi kukhona okumele akwenze ngayo.
“Ngathuka abantu uma sengiyenzile bengitshela ukuthi imnandi kodwa ngaba nokujabula, kwaphela ukuthuka,” kusho u-Ishmael ehleka.
Uthe wajabula ebona abantu bencoma futhi bejabulela le ngoma.
“Ngakhumbula ukuthi kumele ngizethembe kukhona konke engikwenzayo.
Empilweni yami nasendimeni ishintshe izinto eziningi.”