NAMUHLA kule ngosi sikwethulela uMnuz Glen Gabela odabuka eGoli odume ngelikaMfundisi Mdletshe emdlalweni weTV, Uzalo. Ukuhlangana nalo mlingisi sizoxoxa ngodaba lwenkolo yakhe kungithuse kakhulu. Bengilindele ikhehla engihlezi ngilibona lilingisa kodwa ngenkathi eqhamuka ngibone ibhungu ebeliswenke liconsa. UTHOKOZANI MBUNDA uxoxe naye ukuthola ngenkolo yakhe, wamthwebula nesithombe.
THOKOZANI MBUNDA (TM): Njengoba uyilingisa kahle kanje indawo yomfundisi, ngabe unguyena ngempela?
GLEN GABELA (GG): Empeleni ngabufundela ubufundisi bebandla loFakazi bakaJehova, wukuthi nje asibizani ngabefundisi, sisebenzisa ulimi lwakhona lwabashumayeli.
TM: Kungani wakhetha ukuya esikoleni sobufundisi ebandleni loFakazi bakaJehova?
GG: Yilona ibandla elangichazela ngenkolo ngavuleka amehlo ngase ngilandela kulo.
TM: Akhona yini amanye amabandla owawukhonza kuwo phambilini?
GG: Ngikhonzile eZayoni, emaRomeni nakwamanye kwasho ukuthi abangichazeli kahle ngenkolo njengendoda ethanda isintu.
TM: Inkolo osukuyo ayimelani yini nezinto zomdabu?
GG: Ngangicabanga ukuthi imelene nazo kodwa ngithe sengisondela ngathola ukuthi ayiphambani namadlozi esakhula ngawo thina bomdabu.
TM: Ngokwazi kwami le nkolo yakho ayikholelwa emadlozini nje, ngabe usho kanjani ukuthi akuphambani?
GG: Siyabavakashela emathuneni abantu bakithi abangasekho senze njengoMaria unina kaJesu owaya ethuneni eyolungisa wafica indodana yakhe isivukile.
TM: Le oyichazayo sengathi idinga isikhathi esanele uyihlaziye kahle, ithini kanti inkolo yakho ngabantu abadlula emhlabeni?
GG: Ithi uma umuntu edlula emhlabeni uyalala ngoba kusazoshaya isikhathi sokuvuka uma kukhala icilongo kodwa abadlule emhlabeni bengayenzanga intando yoMdali ngeke bavuke.
TM: Njengoba abakule nkolo yakho bevame ukungena imizi ngemizi beshumayela ngabe wena ukwenza ngasiphi isikhathi lokho?
GG: Bengikwenza ngisemningi eGoli kodwa njengoba sengiKwaZulu-Natal kunzima ngoba isikhathi ngisichitha ngilingisa.
TM: Uma kwenzeka umenywa emabandleni athile ukuze uyoshumayela ungakuthokozela lokho?
GG: Kuyimanje ngisezinhlelweni zokuthi ngiqale ukwenza lowo msebenzi, sengiwulindele.
TM: Zikhona izinto ezike zakwehlela empilweni ezenza ubone ukuthi wahlengwa wuMdali kuzo?
GG: Ngelinye ilanga ngisashayela amatekisi kwafika umngani wami ezongilanda efuna ngimphelezele siye kwenye indawo, nganqena ukuhamba naye ngalolo suku kanti kuzoshayisana amatekisi ngalolo suku bafa bonke. Okwesibili, ngangijima ngedwa ngacindezelwa yinsimbi yokujima ebusuku kanti kuzoqhamuka umuntu thizeni engingazi ukuthi wangenaphi ngoba ngangivalile endlini wangihlenga sekuphuma umphefumulo.