UKUFANA okwezithupha ziya ogwayini, bathi kuyabasebenzela oSphiwe noSimphiwe Vilakazi (30) abaziwa ngokuthi Amawele aseChesterville endimeni yamahlaya.
Bathe yize kubajabulisa ukuthi abantu abakwazi ukubahlukanisa kodwa kubuye kubaqhathe kwesinye isikhathi.
USphiwe uthe nakubo bebeke bahluleke ukubahlukanisa, kugcine sekushaywa omunye ngecala elenziwe omunye. Nasebandleni abakhonza kulona kumaWeseli, kuke kuphindiswe oyedwa umsebenzi bezitshela ukuthi sekungomunye.
Yize befana kodwa abathandi izinto ezifanayo.
USphiwe uthe amanye amahlaya abo asuke ekhuluma iqiniso ngempilo yabo kodwa bashintsha izinto ezincane ukuze ahlekise.
Uthe njengoba beke bahlekise ngokuthi basebenzisa izincwadi zokushayela ezizodwa ngoba vele bayafana, kuyiqiniso ukuthi omunye kubona akanazo izincwadi.
“Onezincwadi zokushayela uSimphiwe. Okungenzeki ukuthi asizisebenzisi sobabili ngoba kuyicala lokho kodwa sisuke sihlekisa nje ngoba siyazi abantu bayehluleka ukusihlukanisa,” kuqhuba uSphiwe.
Nokufunda njengoba beke bahlekise ngokuthi omunye ufunda e-Unisa omunye useDUT, kuyiqiniso.
USphiwe uthe ufundela ukuba wuthisha e-Unisa kanti uSimphiwe uneBTech kwiPublic Management futhi wenza iMasters kwiPublic Administartion eDUT.
Uqhube wathi banenkampani iSSV Entertaiment abayisungule nyakenye ehlela imicimbi yabo yamahlaya bahambela izikole begqugquzela intsha ukuthi ibekezele ukuze iphumelele. Uthe nabo bakhule kanzima njengoba bekhuliswe wunina kuphela, bengenalo ikhaya kodwa beshintsha imiqasho. Uthe baze baba nekhaya ngesikhathi unina esethole indlu yomxhaso eChesterville.
Uyise obeyiNazaretha uthe ubuye sebebadala, ushone nyakenye, abazange bahlale naye kakhulu.
USphiwe uveze ukuthi uma sebeshadelwa bayoba nomshado owodwa nabantu babo. Nohlobo lwabesifazane abaluthandayo uthe alufani njengoba uSimphiwe ethanda abancane ngomzimba, yena uthanda abondlekile.