UMASKANDA usola owayenguphrojusa weSigiya Ngengoma angasahoshelani naye, ngokudlalwa kwengoma kaDlubheke emgigiyelayo ohlelweni olushayelwa nguBheka "BeeKay" Mchunu.
UKhuzani "Indlamlenze" Mpungose uveze lezi zinsolo ngemuva kokuthi abalandeli bohlelo bekhononde ngokudlalwa kwengoma ethi Kwazondimbuka, abathi iqondiswe kuKhuzani.
Kusabalala lezi zinsolo nje uKhuzani usanda kuxabana no-Ayanda Melansi osebenzisana noLegend Manqele wenkampani eyenza uhlelo olukhuluma ngempilo yakhe.
ULegend kuthiwa umkweleta imali yokushutha iziqephu zohlelo iKhuzani Bo, obelukhonjiswa kwiSABC 1.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uKhuzani uthe ngeke kungabi khona okushayisa amakhala odabeni njengoba osingethe umculo engumngani omkhulu ka- Ayanda.
"Bengivele ngikulindele ukuthi lizokwehliswa izinga lokudlalwa kwezingoma zami kulesi siteshi njengoba u-Ayanda enobudlelwano obuhle neziphathimandla zaso. NoSamsoni bamshaya bamkhipha amehlo bezitshela ukuthi amandla akhe asemehlweni kodwa kuyavela ukuthi abantu wakwazi ukumelana nabo engasenamehlo, wedlula abanawo. Lapha akuliwa nami kodwa kuliwa nento ekimi," kusho Indlamlenze.
Kube nemibono eyahlukene kubantu kwiFacebook, abanye bekhala ngokuvalwa kukaKhuzani oKhozini FM.
Abanye babo bebezwakalisa ukujabula ngokudlalwa kwengoma kaDlubheke ohlelweni.
UHlulo Sbuthe Mthuli, uthe:
"Ukudlalwa kwengoma kaDlubheke egadla kuKhuzani akudingi ukutolikwa," kusho yena.
USizwe Mlambo, ebuza uthe:
"Umtalabho usuvumelekile yini oKhozini? Hhayi Beekay, uzikhiphile kimina ngokudlala le ngoma kaDlubheke," kubeka uSizwe.
UTumelo Motlhoki ubuze ukuthi uvalelwani uKhuzani oKhozini FM.
Okhulumela iSABC, uMmoni Seapolelo, uthe uyaluzwa udaba kodwa kuzoba nzima ukuthi aphendule njengoba umphathisiteshi woKhozi FM, uSbongi Ngcobo esahlabe ikhefu.
Uthe uLwazi Mthabela (obambile njengomphathi) ongakwazi ukuphawula umatasa nomcimbi oseThekwini.
Ethintwa u-Ayanda uthe ngeke aphawule lutho uma kuyinto ethinta uKhuzani namabhinca.