UTHUKUTHELE uthelwa ngamanzi umhleli wemicimbi waseThekwini, uShilex Shange othi udliwe izithende uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose abevumelene naye ngokukhipha isiqholo salo mculi kodwa wasiveza kubantu sesisingethwe abanye abantu.
UKhuzani umemezele isiqholo sakhe ngesonto eledlule emcimbini i-#Gcwalis’iMabhida.
UShilex uthe bekungumqondo wakhe ukuthi lo mculi abe nesiqholo futhi bebeba nemihlangano bedingida ukuthi izinhlelo nesiqholo kuzoma kanjani.
“Umqondo wesiqholo ngiwuqale kusekhona uMtshengiseni Gcwensa (iNdidane).
“Ngangizosenzela yena uMtshengiseni kodwa washona singakasethuli. Ngoba ubengasekho, ngidlulele kuKhuzani. Savumelana ngokuthi ngimenzele.
“Ngithukile sengibona esememezela ukuthi unesiqholo emcimbini wakhe futhi kwacaca ukuthi angiseyona ingxenye yaso,” kusho uShilex.
Uthe akamzondi uKhuzani kodwa akwenzile kube wubuxoki ngoba uthathe umbono wakhe wawunika abanye abantu ekubeni naye ubematasa nezinhlelo zokusimenzela.
UMHLELI wemicimbi yaseThekwini uShilex Shange ukhala ngoKhuzani ngokudayisela abanye abantu umqondo wakhe
Ethintwa uKhuzani uvumile ukuthi bake baxoxa noShilex ngesiqholo kodwa akukho sivumelwano abebenaso esisayiniwe ngaphandle kokuxoxa.
“Wangazisa ngo-2015 ukuthi ufuna ukungenzela isiqholo uShilex. Kusuka lapho uvele wathula wangabe esasho lutho. Ngoba bekungekho ebesikusayinile ngaso, ngizitshele ukuthi wayezixoxela ngento ayicabangayo nje kodwa angakabi nalo uhlelo lokuthi uzoyenza kanjani.
“Nakhona ukuthi athule isikhathi eside kangaka kwenze ngazitshela ukuthi yinto angeke esayenza,” kusho uKhuzani.
UShilex uthe kungamanga ukuthi ubethuli kodwa kube nemihlangano abebeba nayo noKhuzani behlela indaba yaso futhi sasizobizwa ngokuthi: Indlamlenze kuthi esabesifazane sibizwe ngeNdlamlenzekazi.
Uthe okwenze bangasheshi ukusenza, wukuthi uKhuzani wakhala ngokungabi nayo imali yokuthi kuqhutshekwe nomsebenzi kodwa efuna kusheshiswe sikhishwe.
Uthe wamcela ukuthi balinde kancane ngoba ubengafuni ukugcina icala ngaso.
UKhuzani uphinde waveza ukuthi ubezohlomula kancane ngalesi siqholo uma senziwa uShilex.
Uthe ngokokuxoxa kwabo, uShilex ubezothatha y-40% naye uKhuzani athathe u-40% bese u-20% uya kwabazosikhiqiza.
Kulaba abasha athe yibona abeze kuyena nalo mqondo, uKhuzani uthe banesivumelwano sokuthi uzothola u-80% bona bathathe u-10% bese omunye u-10% uya kwabazosenza.
UShilex uthe unamanga uKhuzani babevumelene ngokuthi u-40% kuzoba owakhe uShilex bese u-60% kuba okaKhuzani.
Uthe abekho abantu abebezosenza kodwa besizodidiyelwa uyena uShilex njengoba kungumsebenzi wakhe ukuhlanganisa iziqholo.