ZISEQHULWINI izindaba zokuthi kuzophinde kushintshe izinhlelo emsakazweni Ukhozi FM emuva kokhetho oluzoba ngoMeyi 8 nonyaka.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo, ikhulunyelwa phansi eyezinguquko ezinhlelweni zoKhozi FM.
“Ngokwezinhlelo zomsakazo aziqedelwanga izinguquko emsakazweni Ukhozi FM ngesikhathi kumenyezelwa abasakazi abasha ngo-Ephreli. Inkinga kwaba wukuthi kunezinhlelo zokhetho ebese kuvele kuhleliwe ukuthi zisosakazwa obekungasamele ziphazamiseke. Kulindwe ukuthi kudlule ukhetho bese kuba nezinguquko,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe noma ungenalo usuku oluqondile okuzoqala ngalo izinguquko kodwa ungakuqinisekisa ukuthi zizoba ngoJuni.
“Kuvunyelenwe ngokuthi izinhlelo zasemini phakathi nezinsuku akusamele ziphazanyiswe wuhlelo lwezindaba Ezisematheni. Ngokujwayelekile kusuka ekuseni ngo-6 kuya ku-9 kuba wuTshatha Ngobe noNongcebo Mackenzie bese kungena uDudu Khoza ngo-9 kuya ku-12 emini. Ngo-12 kuya ku-3 kungena uSelbeyonce Mkhize noSiya Mhlongo. Ohlelweni lukaSelbeyonce noSiya baphazanyiswa wuhlelo lwezindaba olungena ngo-1 kuya ku-1.30. Manje umsakazo usufuna ukukuqeda lokho njengoba Ezisematheni sezizongena ngo-12 kuya ku-12.30 bese kungena olwasemini lungaphazanyiswa,” kusho umthombo.
Uthe olunye uguquko luzoba sohlelweni lukaBongani Mavuso Ezangempelasonto olungena ngo-6 kuya ku-7 ekuseni ngoMgqibelo nangeSonto. Kuthiwa seluzongena ngo-5 kuya ku-6 ekuseni.
Okhulumela iSABC, uVuyo Mthembu, uthe: “Ukhozi FM lusanda kumemezela uhla olusha lwabasakazi oluqale ukusebenza ngendlela entsha ngo-Ephreli 1. Njengamanje isiteshi sisagxile ekwenzeni isiqiniseko sokuthi sihambisana nesikhathi nokuthi sibangisane nezinye ngendlela ehlukile. Engingakusho wukuthi ezinye izinguquko ezizobakhona sizozidalula emphakathini uma sezenzeka,” kusho uVuyo.