Ubulele abantu ngensini u-Onalenna Khonkobe ekhuluma kuRadio 2000 ngendima yakhe kowe-comrades marathon.
Le nsizwa eqenqeleze phambili zisuka-nje ichazele abalaleli ukuthi umsebenzi wayo bekungukuhlahla indlela yabasubathi beqembu lakhe futhi bekumele awugoqe ebangeni elingamakhilomitha angu-30 kodwa uthi umfutho awuthole kubantu abebemgqugquzela umenze waqhubeka nomjaho kwazise phela namakhamera kamabonakude athe njo kuye nokuyinto ebimkitaza waze washaya u-75km.
"Uhlelo bekumele ngiqhubeke ibanga elingu-30km, kodwa ngaqhubeka ibanga elingu-75km ngoba abantu bebelokhu bengikhuthaza. Ngaphinde ngadlala kumabonakude amahora amane, okusho ukuthi bekukhona mina ngaleso sikhathi," kusho yena.
Umqeqeshi wakhe ukhale ngokuthi isenzo sakhe siphazamise kakhulu izinhlelo zokulungiselela iSoweto Marathon njengoba kumele athole olikhefu elengeziwe ukuze aphumule ngokwanele.
"Lo mfana ungilahlekisele. Manje, kumele ngimnike ikhefu elide ngaphambi kokuthi silungiselele iSoweto Marathon. Bekungamele agijime ibanga elingaka. Ukuthi bengingekho ku-30km ukuze ngimtshele ukuthi aphume emgwaqeni wasebenzisa ithuba," kusho umqeqeshi kaKhonkobe, uPio Mpolokeng