KUSOLWA ukungaziphathi kahle komlingisi oqavile womdlalo Isithembiso kuMzansi Magic njengesizathu esidale ukuthi abalo mdlalo bamkhombe indlela.
UChichi Letswalo odlala indawo kaClaudia, kubikwa ukuthi kulezi zinsuku uqopha iziqephu zokugcina ngenxa yokuthi imikhuba yakhe ibisibame emphinjeni abadidiyeli beSithembiso.
Phakathi kwezinto okuthiwa zimdalele amazinyo abushelelezi kulo mdlalo wukungaziphathi kahle nokusoleka ekusebenziseni izinto ezingagunyaziwe kulo mdlalo.
“Kuke kwaneziqubu lapho ebequleka endaweni yokuqopha okusolakala ukuthi kukhona abesuke ekwenzile obekuyimbangela yokuquleka kwakhe,” kusho umthombo.
Umthombo uqhuba uthi nakuba baqala bethuka abalo mdlalo kodwa ngemuva kokuthola ukuthi ukuquleka kwakhe kudalwa yini, banengeka. Kuthiwa bazama ukumbekezelela ngenxa yokuthi udlala indawo ephambili futhi ungomunye wabalingisi ababalulekile kulo mdlalo kodwa kwafinyelela lapho bethi khona gede, akahambe.
“Kulezi zinsuku uqopha iziqephu ezizomkhipha kulo mdlalo ngendlela ehlelekile," kuchaza umthombo.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaChichi ayiphumelanga.
Okhulumela uMzansi Magic, uBongi Potelwa-Metsing, uthe: “Yonke indawo elingiswayo kulo mdlalo ilawulwa wukuhlelwa komdlalo. Indawo kaClaudia ibukeka iseshashalazini kulezi zinsuku kumdlalo Isithembiso. Ngokuqhubeka kwesikhathi indawo kaClaudia izoshintsha kubonakale izimanga.”