UNGENA uyagamanxa emculweni umlingisi weSibaya, uMdu “Ntandane” Gumede, njengoba esezibonakalise ngokukhipha umucu.
UMdu, ozibiza ngoMaster Q uma esedijeya, ukhiphe ingoma ethi I Say, apike kuyo u-Angie Santana noGolden Beats.
“Ngesikhathi ngikhula bengithanda ukungena kwezokungcebeleka.
“Bengifuna ukuba wumsakazi noma ukuba kuthelevishini,” kusho uMdu, odabuka eChesterville, eThekwini.
“Bengijwayele nokudlala uma kunezikhangiso ngisebenzisa i-laptop.
“Kukhona omunye umngani wami obenemishini yokudijeya eWestville.
“Bengihamba ngezinyawo ngifike ngiyofunda ngize ngikhathale,” uchaze kanje.
Uqhube wathi abantu kade babelokhu bebuza ukuthi uwukhipha nini umculo wakhe uma bembona edlala.
“Ngiyathemba ukuthi bazoyithakasela le ngoma ngoba kade kwasa beyifuna.
“Iyingoma emnandi enes’gubhu ngoba ngikhulele eThekwini, ngazi is’gubhu.
“Uma ngidlala ngidlala i-commercial,” kusho uMdu.
Uthe uzolokhu ekhipha izingoma ngazodwa ngoba akajahile ukudedela i-albhamu.
Uthembise ukuthi ngoSepthemba uzophinde akhiphe enye ingoma.
Ngaphezu kwalokhu uphinde amodele.
“Ukumodela ngakhula ngikwenza ngisafunda e-Overport Secondary ngoba ngithanda ukujima.
“Ngangikwenza ngoba ngikuthanda kodwa ngathi le nto ayinamali ngangena ekulingiseni.
“Ngaqala ngilingisa kwiBay of Plenty ngivela kancane ngo-2008.”
Uthe ukulingisa ukuqeqeshelwe eBat Centre izinyanga eziyisithupha nokuthe ngo-2013 wajoyina Isibaya.
“Ngifuna ukukhula ngilingise emafilimini akuleli nawaphesheya.
“Isibaya sifana nekhaya lami ngoba ngineminyaka eyisikhombisa ngikuso futhi yiso esingibeke lapho ngikhona.
“Ngingathanda kodwa nokudlala ezinye izindawo ngale kukaNtandane.”