ISAZOBA nzima impilo kuNkunzi emdlalweni Uzalo kuSABC 1 njengoba kuzotheleka uKhathazamanyamadoda “Mbhubhudlo” Khanyile.
UKhathaza ulingiswa nguSibonile Ngubane ozakhele udumo emdlalweni wakuMzansi Magic, Isibaya, lapho elingisa khona indawo kaMbomvu osanda kuboshwa.
“Njengoba igama lizisho nje, ngizokhathaza. Ngizokhathaza uNkunzi (Masoja Msiza) ngoba kukhona igqubu enginalo naye. Wabulala umama nobhuti wami,” kusho uSibonile.
UKhathaza kuthiwa ngeke agcine ngokuphilisa kabuhlungu uNkunzi ngendaba yakudala kodwa uzogcina emthathele noMaNgcobo (Dawn Thandeka King)
USibonile, odabuka eMacambini, eMandeni, uthe Isibaya wumdlalo wakhe wokuqala wethelevishini ake wawenza ngoba ubesemidlalweni yeshashalazi.
Uthe ngemuva kokuphothula * -matric eSomshoko Secondary School ngo-1991, uthuthele eThekwini lapho efike wadlala khona emidlalweni yeshashalazi ePlayhouse.
“Ngenza umdlalo iSkwiza owawukhuluma ngokuhlukunyezwa kwabesifazane esikoleni. Wawubhalwe nguCollen Mhlongo ongasekho emhlabeni.”
Ngo-1995 udlulele eGoli wajoyina umdlalo iThe Journey owahambela e-Europe.
“Kuwo ngifike ngafunda ukudlala okhehlegume ama-drum. Ngimile ukulingisa ngo-1997 sengiqashwe uRingo Madlingozi ngidlala ebhendini yakhe.”
Uthe ngo-2006 usebenze noMbongeni Ngema edlala ama-percussions emidlalweni yakhe. Uze washiya ngo-2017 ngemuva kokudlala kwiSarafina ePitoli.
“Ngijoyine inkampani eyengamele abalingisi iStar Quality Management. Ngibe nenhlanhla kwaqhamuka imisebenzi ngapha nangapha. Ngidlale ezikhangisweni kodwa Isibaya yiwona mdlalo omkhulu esengike ngaba kuwo. Baningi abangibhekile njengoba nakwiStained Glass bethande umsebenzi wami.”
USibonile oshadelwe futhi onezingane ezine kulindeleke ukuthi aqale ukubonakala maduze kuZalo oludlala ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.