UMCULI kamaskandi uDumisani “Mzukulu” Zulu ukhala ngokubanjwa inkunzi emini yizikhulu zoKhozi FM ngokukhishwa kwengoma yakhe kwiTop 10 yalo msakazo.
Ingoma abengene ngayo ithi MakaBahle (Dali Wami). UMzukulu (28), waseQhibukhowe KwaCeza, uthe akawungenelanga lo mqhudelwano kodwa wafakwa abantu.
“Mina ngabona ingoma yami isifakwe ohlwini lwezingoma ezibanga ukuhlukanisa unyaka. Yayikhethwe ngabantu. Ngimangalile sekuthiwa angilethe ubufakazi bokuthi ingoma yami ikhishwe nini. Ngayihambisa iCD yami (esihloko sithi Vukani Nonke) ebhalwe u2017. Ababange besangitshela lutho kodwa ngizwe sengaziswa abantu ukuthi sekunezinguquko kwiTop 10 yoKhozi, futhi ayisekho ingoma yami. Yafakelwani ingaqinisekisiwe?”
Ecacisa uMzukulu uthe i-albhamu yakhe enale ngoma uyenze nyakenye kodwa wayikhipha kulo nyaka. “Yingakho le ngoma idume kulo nyaka, noKhozi luqale ukuyixhasa kulo nyaka. Ungabuza noma wubani le ngoma uqale ukuyizwa kulo nyaka.” Usole uKhozi ngokwenzelela ngoba bakhona abanye abaculi abangena ngezingoma ezindala.
“Ingoma eyahlukanisa unyaka ngo-2005 yeMalaika ethi Destiny yayikhishwe ngo-2004. EyeDbn Nyts ethi Shumaya yakhishwa ngo-2013 kodwa yangena ohlwini lwezingoma zika-2014,” kukhala uMzukulu.
Amabhinca athukuthele kakhulu ngoba athi abesevote kakhulu ngemali yawo.
Athe uKhozi luwubukela phansi umaskandi njengoba lukhiphe ingoma kamaskandi kuphela.
Uthe useyekela emabhinceni ngoba yiwo abefuna le ngoma ihlukanise unyaka ngo-2018. Uthe neyaBathandwa ethi Hhe Moya Wami ikwi-albhamu ethi Amagatsha ka-2017.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, uthe le ngoma bayikhishiswe ukuthi yakhishwa ngo-2017.
“Ngokwemigomo yengoma yonyaka, ingoma kufanele ikhishwe ngonyaka waloyo mncintiswano.”
Ephawula ngeyaBathandwa, uthe yaqala ukukhishwa ngo-2017 kodwa iqembu labuye layikhipha kabusha ngo-2018. Ingoma eyenziwe kabusha ivunyelwe ukungenela umncintiswano.
Maqondana nomncintiswano ka-2005 uNeo uthe: “Kusemqoka ukuthi kwazeke ukuthi kuningi osekwenzekile, okubandakanywa nezinguquko ezintsha njengokuthi iyiphi ingoma echithwayo nokufanele ingene. Akukuhle ukuqhathanisa umncintiswano omdala nomusha.”