Ezokungcebeleka

UKelly uyaveva ngokubizwa kwendoda yakhe ngomlungu

Mcebo Mpungose|Published

UCHAD Da Don noKelly Khumalo abangamathe nolimi kulezi zinsuku. Isithombe: Instagram UCHAD Da Don noKelly Khumalo abangamathe nolimi kulezi zinsuku. Isithombe: Instagram

UDINWE uyaveva umculi we-Afro Pop uKelly Khumalo ngokubizwa kwesinqandamathe sakhe, uChad da Don, ngomlungu

UKelly Khumalo ubhoke ekhasini lakhe ku-instagram ngesihloko esisetshenziswe yiphephabhuku iMove esithi ‘Kelly Khumalo madly in love with umlungu’. Ebhala ekhasini lakhe uKelly uthe izomthola kahle iMove.

“Ngibona sengathi lesi sihloko sinokucwasa ngokwebala, ubani osabona ibala lomuntu esikhathini samanje? Bebengasiphetha isihloko sabo ngokuthi ‘uKelly uthole uthando’, kodwa cha ama-&***%$$# (ebathuka) kumele enze kanje.

Ngibaxwayisile kodwa bangangilalela. Ngiyeza kini, nangokunye enakubhala ngami kudala!” kusho uKelly.

Kubalandeli bakhe umethuli wezinhlelo uSomizi Mhlongo ube ngomunye wabamesekile. Uthe leli phephabhuku lifanelwe ukushidaba ethoyilethe.

View this post on Instagram

I can’t help but feel this headline is very racist, who still sees colour in this day and age, It could have ended with Kelly finds love but no you dirty mother fuckers had to take it that far! I warned but you ddnt listen, I’m so coming 4 u even 4 the old shit you’ve written!

A post shared by Kelly Khumalo(@kellykhumaloza) on Nov 22, 2018 at 9:43am PST

“Ngivumelana nawe 100%. Ukube iphephabhuku labamhlophe libhale ukuthi ‘Chad in love with a darkie’ ngabe sikuyo yonke indawo sibhikisha. M@**$$^& (ebathuka) weMove Mag. Ifanelwe ithoyilethe kushidabwe ngayo,” kusho uSomizi.

Omunye umlandeli kaKelly u@Yandarrr_ uthe: “Nami ngingacasuka uma kungase kwenzeke lokhu kimi. Nami sekukaningi abantu uma bengibona nesithandwa sami bethi ‘hawu ngikubonile uhamba nomlungu wakho,’ kahleni, okungenani ngibuze ukuthi ubani igama lakhe.”

View this post on Instagram

Sikhuluma nomculi we-Afro Soul uKelly Khumalo nge-albhamu yakhe entsha nakwenzayo ukuhlala esematheni endimeni yomculo.

A post shared by Isolezwe(@isolezwe) on Oct 31, 2018 at 7:19am PDT

U@tacia_e yena uthe: “Banabantu ababalandelayo abafunda iphephabhuku labo. Kumele ngabe badala ubumbano phakathi kwabo hhayi lento...ngiphoxekile ngempela.”

Abanye baxwayile ngokuthi yini ecasule uKelly bethi igama ‘umlungu’ alicwasi.

U-expaditeshawn uthe: “yini embi ngokubiza umuntu omhlophe ngomuntu omhlophe, oyindiya ngendiya, omnyama ngomnyama? Alikho icala lapha.”  

IMove Magazine ibingakaphawuli ngalolu daba.