USEBHEKE ukuthatha indondo yengoma yonyaka nengoma edlalwe ukuzidlula zonke emisakazweni kumaSouth African Music Awards (SAMA) uPrince Kaybee.
UKaybee ungomuye woDJ abashisayo emculweni we-house emuva kokuthi icwecwe lakhe, iBetter Days lifike kwezwakala endimeni yomculo ngonyaka ka-2015.
Muva nje uKaybee usehlomule ngezindondo eziningi ezifaka neBest Remix neBest Dance Album kumaMetro FM Awards ngo-2016, Mzansi Viewer’s Choice Award for Song of the Year ngo-2017 neMale Artist of the Year kuma SAMA ngo-2018.
Ngemuva kwesasasa lamanoni akhe iClub Controller neBanomoya, uKaybee uzokhipha icwecwe lakhe, iRe Mmino.
Leli cwecwe lilandela inoni lakhe lesithathu, iFetch Your Life ahambisana kulo noMsaki.
“Sekuphelile ukulinda kubalandeli bami,” esho ngecwecwe lakhe.
“Lokhu ngikwenzele bona kakhulu. Leli cwecwe elabalandeli bami lokubakhuthaza ukuthi bahlale benethemba ngempilo yabo,” kusho uKaybee.
Lo DJ usanda kuba sematheni ngokuxabana noTNS abakhiphe naye izingoma ezishisa izikhotha ngonyaka odlule.
U-TNS wayesola uPrince Kaybee ngokungamniki imali yakhe njengoba babesebenza bobabili kulezi zingoma.