UKHIPHE ulozolo lomucu athi uzokwenza izithandani zingasuki eduze komunye, umculi weR&B owaduma emncintiswaneni ama-Idols SA.
UKarabo Mogane ophinde abizwe ngoLuther Vandross wakuleli, ukhiphe lo mucu wakhe othi Ndisemathandweni athi uwuqondanise ngamabomu nenyanga eyaziwa ngeyothando.
Lo mucu awenze ngokuhlanganyela noDJ Ganyani kanjalo noDe Mogul, uthi inhloso yawo enkulu wukuvuselela uthando hhayi kwabathandanayo nje kuphela kodwa nabantu asebelahlekelwe ithemba.
“Uthando into enhle ehlanganisa abantu, yingakho ngingazange ngingabaze uma uGanyani ethi asihlanganise le ngoma. Ngizimisele nokukhipha ne-albhamu entsha ngasekupheleni konyaka,”kusho uKarabo.
Ngaphandle kwalo mucu, uKarabo uthi lusaqhubeka uchungechunge lwakhe nozakwabo olwaziwa ngeGentlemen’s Tour ayenza noMusa Sekwene noDonald. Nokho uDonald osanda kuveza ukuthi ngeke esaqhubeka kulolu chungechunge isikhala sakhe sesizovalwa ngomunye umculi osazomenyezelwa.
UKarabo uthe nokho sebekhethe ukuthi baziqhubekele bobabili bangabe besamfaka owesithathu. Kulokhu bahlela ukuba KwaZulu-Natal kodwa yonke into isasesigabeni sezinhlelo.
Umucu kaKarabo usuqalile ukutholakala kuma downloads kwi-internet.
Mayelana nezothando, uKarabo uthi sekuntwela ezansi ngoba uzibona eshada eminyakeni emithathu ezayo.
Lesi silomo sithi yize zibalulekile ezothando empilweni yaso kodwa okwamanje sisagxile kakhulu ezifundweni zeBusiness Management e-University of South Africa.
UKarabo uphinde abe ngumshayeli wohlelo lwe-UJ FM olibizwa ngeSunday Six olungena njalo ngeSonto ngo-2 kuya-5 ntambama.
Uthe umsakazo ezinye zezinto ezimsondeza kubantu nezimenza asondele kubantu abasha akwazi nokufunda ngabo.