BAKHALA ngomfundisi oyisihlabani somculo wokholo, abamsola ngokubaleka nezimali zabo ngemuva kokuvalwa kwehhovisi likamasingcwabisane wakhe.
Amalungu kamasingcwabisane okuthiwa okaMfundisi Andile KaMajola, iZesuliwe Dignified Funerals, eMgungundlovu, athi ajoyine lo masingcwabisane ezinyangeni ezine ezedlule, ehehwa ukuthi ungowendoda eyaziwayo, elaziyo izwi le Nkosi.
Lo masingcwabisane kuthiwa unamalungu alinganiselwa ku-150 abekhokha imali esukela kuR45 kuya kuR470 umuntu emunye.
Kuthiwa lo masingcwabisane ububiza kahle, uthembise uhide lwezinto okubalwa ngisho nomphathi wohlelo nabazocula emngcwabeni.
Bathi baphoxekile sebethi bayokhokha izimali zabo abazisebenza kanzima ekuqaleni kwesonto, bafica kulenga ingidi.
Kuthiwa ihhovisi livalwa nje, lo masingcwabisane ubungakangcwabeli muntu njengoba bebesanda kuhlanganisa izinyanga ezintathu abekade bebekelwe zona.
Elinye ilungu, uMnuz Phumlani Zuma (31) laseSweetwaters, eMgungundlovu, lithe lithole ukuthi amahhovisi avalwe umasitende ngoba sekuphele izinyanga ezintathu uKaMajola engayikhokhi irenti.
“Sidumele ngoba besimthembile * -Andile KaMajola. Besithi ngoba umuntu odumile futhi ongumfundisi ngeke asenzele phansi. Ngijoyine ngoJuni, bengikhokha uR120. Ngimfonele ngoLwesine ngoba ngifica kuvaliwe ehhovisi lakhe. Uthe usanezinkinga asazilungisa uzovula maduze,” kusho uZuma.
Uthe kuyomsiza * -Andile ukuthi ababuyisele izimali zabo uma esehlulwa yibhizinisi.
Uveze ukuthi yena usebenzela inkampani yabameli ngakho * -Andile ngeke aphunyuke.
Owesifazane ocele ukungadalulwa naye oyilungu, uthe * -Andile umtshele ukuthi ihhovisi livaliwe ngoba intombazane esebenza khona iyagula.
“Sengiqala ukuba novalo ngemali yami. Nginezinyanga ezine ngijoyinile, bengikhokha uR340. Ngashiya umasingcwabisane wami weminyaka ngajoyina lo ngoba ngibona ukuthi ngowomuntu othembekile, ongumfundisi. Wathi unamanye amagatsha eThekwini nasePinetown,” kusho lo wesifazane.
Uqhube wathi ubechazwa ukuthi * -Andile ubetholakala kalula ocingweni, babuye bamfice nasehhovisi.
Omunye wabasebenzi ocele ukungadalulwa uthe * -Andile wagcina ebaholele imali yenyanga eyodwa njengoba beqale ukusebenza ngoJulayi.
“Ngize ngayeka emsebenzini ngoba sengikhathele ukuxhashazwa uyena. Ngezinye izinyanga ubelokhu enginika uR500 ethi imali yokugibela. Ubethi ibhizinisi lihamba kancane. Ubehlale ecasha uma efikile, ebalekela abantu abakweletayo. Kukhona amadoda afika athi afuna imali yawo, avula ngayo umasingcwabisane,” kusho lo wesifazane.
U-Andile uthe akusiwo owakhe lo masingcwabisane naye uqashiwe kuwona.
“Ngiyinxusa nje kuphela. Ngibuye ngilekelele ebhizinisini ngokucelwa abaphathi. Abantu bathi owami ngoba ngiwubuso bawo. Angikwazi okokuvalwa kwamahhovisi, ngazi ukuthi ayasebenza,” kusho * -Andile.
Yize * -Andile ethi uyinxusa, omunye wabasebenzi uthe ngesikhathi livulwa ihhovisi, * -Andile wazethula njengomnikazi wenkampani.