USHIYE isigubhukane ohlelweni lweMoja Love, Uthando Noxolo umrepha uMolemo ‘Jub Jub’ Maroohanye.
Akucaci ukuthi uJub Jub ubeseshiswa yini kulolu hlelo aqale ukulwethula ngoMeyi ngonyaka odlule njengoba kuthiwa ucele ukukhululwa kulo.
Isizini yesithathu yalolu hlelo igcine isiqedelelwa u-Andile Gaelisiwe ongumethuli wohlelo lakuSABC 1, iKhumbul’ ekhaya.
Ngokusho komthombo othembekile, uJub Jub wesule isigubhukane kulolu hlelo ingakapheli inkontileka yakhe.
“UJub Jub kuthiwa ukhale ngokuthi akasakwazi ukumelana nengcindezi eqhamuka nokwethula lolu hlelo. Akafunanga nokuqedelela isizini yesithathu, kwale ngisho sebemncenga. AbeMoja Love baphoqeleke ukuthi bancenge u-Andile ukuthi azoqedela lolu hlelo,” kusho umthombo.
Uthe abeMoja Love bamthandile u-Andile ngakho basezinhlelweni zokuthi bamenze umethuli omusha walolu hlelo.
Umthombo ukuqinisekisile ukuthi lolu hlelo oseluphelile luzobuya nesizini yesine ezinyangeni ezimbalwa ezizayo selunomethuli omusha.
Uqhube wathi abesiteshi badumele ngesenzo sikaJub Jub ngoba lolu hlelo beluthandwa kakhulu ngababukeli.
Okhulumela iMoja Love, uLindiwe Mbonambi, uthe okwamanje ngeke akwazi ukuphawula ngalezi zinsolo.
“Okwamanje sisahlela okuzoqhubeka. Lolu hlelo lusathathe ikhefu ngemuva kokuphela kwesizini yesithathu. U-Andile sasimcelile ukuthi azongenela uJub Jub owayenezinye izinhlelo ngosuku okwakuqoshwa ngalo,” kusho uLindiwe.
Ukuqinisekisile ukuthi lolu hlelo luzobuya maphakathi nonyaka.
Uthe uzokwazi ukuphawula kahle uma sebeziphothulile izinhlelo zalolu hlelo, konke sekuqinisekisiwe.
Imizamo yokuthola uJub Jub ayizange iphumelele, uLindiwe uthe abavumelekile ukukhipha inombolo yakhe yocingo, imibuzo ayithunyelelwe yena ukuze amdlulisele.
U-Andile naye akatholakalanga ukuphawula ngezinsolo zokuthi angahle avale isikhala sikaJub Jub.