ISITESHI iMoja Love TV (channel 157), sithembisa abantu bakuleli into yamehlo ohlelweni oluthi, Uyajola Na? obelulindelwe ngabomvu kuleli.
Lolu hlelo olususelwa kolwaphesheya oluthi, Cheaters luzothulwa insizwa engumculi eke yaboshwa, uJub Jub.
Kulolu hlelo oluzoqala ngoMeyi 26, kuzobonakala abantu bakuleli abangasabathembi kahle ophathina babo, befuna balandelwe ngamakhamera ukubabheka ukuthi abababhangqile yini.
ULindiwe Mbonambi weMoja Love, uthe beyisiteshi bajabule kakhulu ukuthi lolu hlelo sekuze kwafika isikhathi sokuthi lungene emoyeni.
“Siyathemba ukuthi abantu lokhu esizokubonisa bazokujabulela. Lolu ngolunye lwezinhlelo esathi simemezela ukuthi luzoqala, abantu bakhombisa ukuluthakasela futhi bafisa ukuthi ngabe lushesha luqale. Kodwa besisahlela kahle ukuthi uhlelo luzohamba kanjani ukuze ludonse amehlo abaningi,” kusho uLindiwe.
Uthe ziningi manje iziqephu eseziqoshiwe kodwa ngeke baqinisekise ukuthi luzodonsa isikhathi esingakanani.
“Ngokujwayelekile izinhlelo ezifana nalezi ziba neziqephu ezingu 13. Kodwa seziningi kakhulu iziqephu ezikhona ngenxa yokuthi abantu bafune usizo olukhulu kulolu hlelo,” kuchaza uLindiwe.
UJub Jub unikwa lolu hlelo nje, ubethula oluhlanganisa abantu abangezwani, abafuna ukuxolelana kusona lesi siteshi oluthi, Uthando Noxolo.
Kulona ushiye isigubhukane njengoba manje selwenziwa u-Andile Gaelesiwe.