UMNDENI womfana osezakhele igama ezinkundleni zokuxhumana ngokuhlala efuna ukuphaqulwa ubuso aphinde afakwe izinwele, uthi ujabule ngemuva kokuthi ehlangene noSomizi Mhlongo othembise ukuthi uzomqhuba ezifundweni zakhe uma eseqede isikole.
Umndeni kaSibongiseni “Bobo” Mbhele (17), uthe ujabule ubona ukuthi izinto zimhambela kahle.
Esiqeshini iLiving the Dream with Somizi, esidlale ngempelasonto kubonakale uSomizi noBobo bechitha isikhathi ndawonye.
NgoLwesine esiya kulo kuMzansi Magic, iningi lizobona uBobo waKwaNdengezi, ezihlalele noSomizi enziwa ubuso uDiva Cadash, ongumphaquli kaSomizi.
USomizi ekhuluma kulolu hlelo uveze ukuthi wabona uBobo ezinkundleni zokuxhumana wacela ukuthi bamhlanganise naye.
“Lwaze lwamnandi usuku lwami njengoba ngihlangane noBobo namhlanje. Ngamthanda ngiqala ukumbona ezinkundleni zokuxhumana futhi ngafuna ukuhlangana naye,” kusho uSomizi kulolu hlelo.
Uthe ubefuna ukufezekisa iphupho likaBobo lokufuna ukufakwa izinkophe, aphaqulwe ubuso aphinde afake izinwele.
“Ngifuna ukuthi uzimisele esikoleni uma uphase kahle ngizokufundisa. Ukulula isandla kumuntu oyedwa nje kusho lukhulu kimina ngakho uBobo ngifuna ukumsiza,” kuchaza uSomizi.
Udadewabo kaBobo, uNozipho Mbhele, uthe bengumndeni kuyabajabulisa ukubona izinto zimhambela kahle kanje uBobo.
“Ufunda uGrade 9, esikoleni sezingane ezithatha kancane, iNingizimu Special School, eMontclair eThekwini. Umama wasishiya sibancane ngo-2002,” kuchaza uNozipho.
Uthe uBobo ubehlala ebatshela ukuthi ufisa ukuba umculi nokuba umlingisi okuyinto ababona sengathi izofezeka maduzane.