UPHUPHUMA injabulo ungoti wezokuvocavoca uSbahle Mpisane kulandela ukuhoxiswa kwecala lokushayela budedengu abebekwe lona ngaboPhiko lwezokuShushisa.
“Ngijabule kakhulu ngokuhoxiswa kwecala bekungikhathaza ukucabanga ngale ndaba,” kusho uSbahle.
Uthe aboPhiko lwezokuShushia abatshelanga yena uqobo kodwa kwatshelwa abazali bakhe ngokuhoxiswa kwecala.
Uveze ukuthi usezokwazi ukuqhubekela phambili nempilo agxile ekululameni.
“Sengigxile ekubhekeni isimo sempilo ngilulame kahle yikhona ngizokwazi ukuphinde ngijime ngibuyele emzimbeni wami.”
Utshele leli phephandaba ukuthi kusamkhathaza namanje ukuthi akakhumbuli ukuthi kwenzakalani ngobusuku bengozi.
“Ngiyazama ukucabanga kodwa umqondo awubuyi. Angikhumbuli lutho. Kungiphatha kabi ngoba ngaphaphama sengisesibhedlela nakhona ngahlala isikhathi ngivikelwe ukuze ngingawuboni umonakalo.”
Uthe le ngozi imenze wacabanga ukuthi kuphelile ngaye wacishe walahlekelwa yithemba ngempilo.
“Bengizitshela ukuthi abantu abasangithandi, abanendaba nami futhi ngeke besangibuka ngendlela ababengibuka ngayo ngaphambi kwengozi ngoba bengihlezi nginconywa.”
Udalule ukuthi lo mcabango ubumenza angafuni ngisho ukusebenzisa ucingo lwakhe ngenxa yovalo lokuthi kungenzeka kube nabakhuluma kabi ngaye ezinkundleni zokuxhumana ezifana noTwitter no-Instagram.
“Ngize ngaqala ukungena kahle ngoDisemba. Ngafikelwa wumunyu ngibona imilayezo yothando nengesekayo, ngabona ukuthi abantu bayangithanda futhi banami ebuhlungwini engibhekene nabo. Ngifisa ukubabonga bonke.’’
USbahle waba sengozini yemoto enyantisayo ngo-Agasti 9, ngonyaka odlule kuMargaret Mncadi Avenue .
Ngesonto eledlule uMqondisi woPhiko lwezokuShushisa KwaZulu-Natal uMnuz Moipone Noko, uveze ukuthi idokodo lecala likaSbahle lalethwa kubona ukuze bathathe isinqumo sokuthi ufanele ukushushiswa yini noma cha.
USbahle wayeshayela imoto yakhe iBMW M4 ngesikhathi iphaphalaza ishayisa isihlahla emgwaqweni uMargaret Mncandi Avenue, eThekwini.