UKHULE evele efisa ukuba ngusomahlaya uLoyiso Madinga (30) othole ithuba lokusebenza ohlelweni iThe Daily Show olushayelwa uTrevor Noah eMelika.
ULoyiso odabuka eMount Fletcher, e-Eastern Cape, uthe yize kubukeka izinto zimhambela kahle emkhakheni wamahlaya kodwa umndeni wakhe awazi ukuthi wenza msebenzi muni. Uthe okubalulekile kuwona ukuthi uyawuthumelela imali ekupheleni kwenyanga okuyinto ewujabulisayo. Uthe umuntu owazi ngomsebenzi wakhe nomesekile kuwona, yintombi yakhe.
Uthe esemncane ubejwayele ukubuka usomahlaya uChris Rock efisa ukufana naye.
“Izinto ziqale ukwenzeka ngesikhathi umndeni wami ungiyisa eGoli ukuyokwenza izifundo zokukhangisa e-AAA School of Advertising. Angiziqedanga lezi zifundo njengoba ngiyeke esikoleni ngo-2012 ngenxa yokuba nothando lwamahlaya. Ngesikhathi ngiqala ngibe nenhlanhla yokuthi izinto zisheshe zihlangane, kwaba ukungena kwami kuwona,” kusho uLoyiso.
Uthe uqale wasebenza nomunye usomahlaya uDonovan Goliath athe naye washiya izifundo zokukhangisa ngo-2012.
“Amasango avuleke ngesikhathi nginandisa kwi- Awednesday Comedy kwalandela eminye imicimbi emithathu ngawo u-2012. Ikhono lami emahlayeni liphinde laqashelwa uTrevor Noah. Unginike ithuba lokuthi nginandise naye ngesikhathi enomjikelezo wakhe wamahlaya iNationwild Comedy Tour. Ngiphinde ngathola ithuba lokunandisa kwiSouth Africa’s Comedy Central’s Roast Battle,” kuqhuba yena.
Ukusebenza noTrevor Noah uthe kuqale lapho njengoba esephinda ethola ithuba lokuthi abe sohlelweni lwakhe.
Echaza ngokusebenza kulolu hlelo uthe noma ezobuye avakashele eNew York lapho lusakazelwa khona kodwa uzobe ezinze eGoli nethimba leComedy Central exhumana noTrevor Noah uma esesohlelweni.
Uthe umsebenzi wakhe ukubika ngokwenzeka e-Afrika emahlayeni kodwa evela kwiThe Daily Show.
ULoyiso uthe cishe usesebenze nabo bonke osomahlaya abaziwayo eNingizimu Afrika beshiyelana inkundla.
Ukuba ngusomahlaya uthe yiwona msebenzi agxile kuwona futhi kuningi asafuna ukukufeza kuwona njengokuba semicimbini emikhulu emhlabeni. Uthe ikhona emikhulu aseke wayithola njengoba eminyakeni emibili eyedlule eke wanandisa kwiMontreux Comedy Festival eSwitzerland neBusan Comedy Festival eSouth Korea.