UNGQONGQOSHE wezokuPhepha koMphakathi eGauteng, uFaith Mazibuko, uchaze uLinda “Pro” Mkhize njengesibonelo esihle sokuthi abantu abasha balikhombisa futhi balimaketha kanjani ithalente labo.
Uthe kunezingxoxo zokuthi angcwatshwe lapho kufihlwa khona amaqhawe eHeroes Acre, eWestpark Cemetery.
“Ngokubambisana noMkhandlu waseGoli siyaxoxa ngokuthi afihlwe emathuneni aseHeroes Acre, eWestpark Cemetery. Uzolala nozakwabo njengoMandoza noRobbie Malinga.”
UMazibuko ngokubambisana noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuzwelonke, uNathi Mthethwa, bavakashele ekhaya lalo mrepha izolo ekuseni. UPro ushone ngesonto eledlule ngemuva kokuphathwa yisifo sokudlikiza evakashele abangani. UMthethwa uthe kubalulekile kubo njengohulumeni ukuthi badlulise amazwi enduduzo futhi basize lapho bengafaka khona isandla. “Liselide ibanga okusamele silihambe eNingizimu Afrika. Abantu abachithi imali eningi ukweseka abaculi. Sifuna ukushintsha ukuthi besekwe ngaphandle kwemingcele yezwe. Ubewumqali wendlela wangempela futhi emkhulu kwi-hip hop. Emculweni wakhe ubegcizelela imvelaphi yakhe yekasi. Ulimi lusichaza ukuthi singobani.”
“Kusiphatha kabi uma sibabona beshona bebancane kangaka. Abasebenzi bakahulumeni bebesebenzisana nomndeni kulezi zinsuku ezedlule. Namhlanje (izolo) besizobheka amalungiselelo.”
Uthe umndeni uzilile kodwa ubungaza impilo yomrepha.
UMazibuko uthe bazama ukusiza umndeni ngokuthola indawo ekahle yomngcwabo.
“Ungaba mkhulu ngenxa yabantu abazoza bezovalelisa. Yiyona mpilo kade eyiphila. Ufake isandla emphakathini. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini futhi sinethemba lokumvalelisa kahle.”
Umfowabo uDJ Citi Lyts ubetshele Isolezwe izolo ukuthi inkonzo yesikhumbuzo izoba seJabulani Amphitheatre eSoweto ngoLwesine kuthi umngcwabo ube sendaweni efanayo ngeSonto.