UMCULI womculo wokholo * Hlengiwe Mhlaba uthi akasoze alwa noSipho Makhabane ngoba uwubaba kuye futhi uyamhlonipha
UMCULI wowokholo uHlengiwe Mhlaba, okuvele izinsolo zokuthi ziningi izindodla zemali angazitholanga enkampanini ayeqopha kuyo phambilini, iBig Fish Music, uthi akalwi nomnikazi wayo uSipho “Big Fish” Makhabane.

UHlengiwe utshele leli phephandaba izolo ukuthi akananxa noMakhabane kodwa ufuna kulungiswe izinto ezithinta umsebenzi.

“Angilwi naye. Empeleni siyakhuluma kodwa kumele eze kimi bese siya kumuntu ozositshela ukuthi amaphutha esawenza yimaphi futhi singawalungisa kanjani,” kusho uHlengiwe.

Iphephandaba lesiNgisi eliphuma ngeSonto libike ukuthi uMakhabane, owavumbulula uHlengiwe, usolwa yilo mculi ngokudla uR8.5 million wemali etholwa ngokudlala komculo emsakazweni nakwezinye izindawo, okubizwa ngama-royalties.

Kuvela ukuthi uHlengiwe uthole ukuthi ezingomeni zakhe ezingu-90 ezaqoqa ama-royalties akhe

kwaSouth African Music Rights Organisation (Samro), zingu-24 kuphela ezakhokha * -16.7% wemali okumele ize kuye.

Kuvela ukuthi ukweletwa omunye uR8.5 million wemali yokudayiswa kwamaCD. Kuthiwa eminyakeni engu-10 wathola uR4.5 million kuMakhabane.

Kubikwe nokuthi ucwaningo lommeli uGraeme Gilfillan yilo oluveze ukuthi kunemali eningi ethathwe wumqambi ongaziwa obizwa ngoDominas Publicas. UHlengiwe uthe akuyena oye kwabezindaba eyokhuluma ngalolu daba futhi uzimisele ngokuthi luphothulwe nguMakhabane naye ngosizo lomuntu owazi ibhizinisi lomculo.

“Angizicabangeli mina ngedwa kodwa ngicabangela umculo waseNingizimu Afrika wonke. Ngicabanga ukuthi izinga kumele ngabe likude kakhulu. INigeria iyasihlula ngoba abaculi bakhona bakhokhelwa kakhulu kunathi.”

UMakhabane uthe abantu abazi iqiniso nguye, uHlengiwe noNkulunkulu.

“Iqiniso engilaziyo mina elokungena estudiyo ngiyoqopha. Obekwenzeka ngemuva kwalokho angikwazi,” kusho uHlengiwe obiza uMakhabane ngoDaddy.

Uthe njengoba ezimele kuyasebenzeka yize esacathula futhi usafunda izinto eziningi. Uthe usazophusha i-albhamu yakhe iSthandwa Sami ethokozelwa kakhulu ngabantu.

“Ngiyakubonga ukwesekwa engikutholayo. Ngicabanga ukuthi ngaphambi kokuphela konyaka ngizokhipha enye yesiNgisi.”