UMCULI weKwaito owazakhela udumo ngengoma ethi Kortes, uthi uzoke athi ukuhlaba ikhefu ekuqomeni.
UNomasonto “Mshoza” Maswangayi, uveze ukuthi usezibona njengomuntu ongenayo inhlanhla uma kuziwa ekutholeni umaqondana azophila naye ingunaphakade.
Lokhu ukusho ohlelweni lwasekuseni kuMetro FM, i-Fresh Breakfast, lapho eveze khona ukuthi ubudlelwane bakhe noThuthukani Mvula bese bungebuhle futhi esehlala ngokwesaba.
Uthe ngesonto eliphelile, uThuthukani ushise izimpahla zakhe zonke, emsola ngokujola.
Kwenzeka lokhu nje, uThuthukani, waseBergville obesethembise uMshoza umshado, unekele izwe kuFacebook, ukuthi uMshoza umbambe endlini yephoyisa laseFree State nokugcine ngokuthi amphuce imoto yakhe akade ehamba ngayo.
Kulolu hlelo uMshoza uthe, ubesehlukumezeke iminyaka, futhi esesezinhlelweni zokumshiya uThuthukani.
“Bese ngibatshelile ekhaya ukuthi ngiyaphuma kulobu budlelwano ngoba ngihlukumezekile. Lo muntu ubenezintombi eziyinqwaba, ezinye zazo zingithumelela izithombe zinqunu, ngingasho lutho ngimtshela ukuthi akakuyeke lokhu akwenzayo kodwa engangilaleli ngaze ngagcina nginganendaba naye,” kusho uMshoza.
Uthe okuholele ekutheni aze athole isoka elisha yingoba ubefuna ukujabula empilweni yakhe.
“Ngaboshwa ngenxa yokuhamba ngejubane eliphezulu. Ngamfonela ngasho ngathi ngisenkingeni kodwa wavele wathi kulungile. Ngathi ngifika endlini ngamfica elele, akangaba umuntu okhombisa ukuba nozwela nami,” uchaza yena.
Uthe lona wesilisa abanjwe naye ungumuntu obekwazi ukukhuluma naye futhi emduduza uma enezinkinga.
UMshoza ukhuluma kanjena nje ngoMsombuluko uThuthukani uzinikele emaphoyiseni wadedelwa ngebheyili kaR5 000, ngecala lokushaya, lokusabisa nelokukhomba ngesibhamu.
USergeat Mmako Mophiring okhulumela amaphoyisa aseFree State uthe uThuthukani uvelile enkantolo icala lakhe lahlehliselwa uMeyi 28, uphenyo lusaqhubeka.
Ethintwa uThuthukani uthe ubengalulalele uhlelo kwazise ubesenkantolo.
Uthe ngeke aphawule ngoba konke usekuyekelele kubameli bakhe.