UMAKADEBONA womculi kamaskandi uHhash’ Elimhlophe uveze ukuthi impumelelo yakhe ilele ezimisweni zeBhayibheli.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehambele amahhovisi eSolezwe ngeSonto ukuzokwethula i-albhamu yakhe yesi-29 ethi Amawazawaza.
Uveze ukuthi ukhonza esontweni iGod’s Pearl Ministries eGermiston, eGauteng, lapho inkosikazi yakhe u-Ebony Ngcobo ingumfundisi khona.
Uthe uma ulandela iZwi likaNkulunkulu liyakutshela ukuthi indoda kufanele iziphathe kanjani.
“Liyakutshela nokuthi umama nengane kumele baziphathe kanjani. Izingane ngeke zikwazi ukulandela izwi zingalitholanga kumuntu oyinhloko noma kubantu ezingaphansi kwabo. KwaNgcobo sikhuluma ngendaba kaNkulunkulu, sikhuluma ngeZwi,” kusho uHhash’ Elimhlophe.
Uthe emndenini wakhe ozophuma esandleni, uzobe eziphumele yena kodwa iqiniso uzobe elazi.
Ubonge uNkulunkulu ngokumnikeza ubuhlakani bokuthi yonke into yakhe ayenze ngendlela kaNkulunkulu.
Ephawula ngokuthi wenza ngani ukuthi angabi sezindabeni ngezindaba ezimbi uthe, empilweni yakhe akanaso isitha ngoba uNkulunkulu ugqugquzela uthando.
“Umuntu onenzondo kuwe uma nawe uzomhlinela nizoxabana kodwa uma umnikeza uthando naye uzobuyisela kuwe uthando,” kusho uHhash’ Elimhlophe
Uthe kungumusa kaNkulunkulu ukuthi useshade no-Ebony iminyaka engu-40.
Ezinye zezinto ezimgcina engumqemane uthe ukuzivocavoca nokukhetha ukudla akudlayo. Uthe akaphuzi futhi akabhemi.
Emculweni kamaskandi uthe into ebalulekile ukuthi uma umuntu ezokubuka bukhoma umjabulise, umbonise ukuthi ungubani, usishaya kanjani isiginci.
“Ayikho into etheni, ukuzimisela nokuthanda umsebenzi. Indaba iba khona lapho ukuthi uyawuthanda yini umsebenzi.
“Kwesinye isikhathi sixhoshwa ukugijimisa imali, ungagijimisi umsebenzi. Kanti noma ngabe umuphi umsebenzi owenzayo, uma ugijimisa umsebenzi, umsebenzi uzogijimisa imali,” kusho uHhash’ Elimhlophe.
Uthe uma ugijimisa imali ugcina ungasaqikeleli ukwenza umsebenzi wakho ngendlela.
“Ngiye ngithi umuntu noma kungathiwa wenza muphi umsebenzi, uyashanela noma usebenze engadini, qikelela ukuthi lowo msebenzi uyawenzisisa.
“Uyishaye ingadi kuze kuthi nomuntu ofikayo layikhaya, afise ukuthi uyomenzela kwakhe, wenza imali kanjalo.
“Ugcina ungasayifuni wena imali kodwa kube yiyo efuna wena ,” kusho uHhash’ Elimhlophe.
I-albhamu yakhe entsha uthe inezingoma ezingu-16 kanti kunengoma egqugquzela uthando ethi Amagama Othando lapho ekhumbuza khona amadoda ukuthi la magama awasebenzisa eshela izinqandamathe zawo awangapheli emlonyeni yawo.
“Angithi umuntu wakho uma uqala ukumbona uyamkhuzela, uthi sithuthuthu sami.
“Akangathi uma eselayindlini ungawakhulumi lamagama owamheha ngawo ngoba yiwo agqugquzela uthando lwakhe,” kusho uHhash’ Elimhlophe.