‘NGIKHETHE ukugxila ekuthuthukiseni ithalente elisha kwi-albhamu yami entsha ethi Umqhele ukuze kugqame ithalente lentsha esazama ukungena emkhakheni wobumnandi.’
Lawa ngamazwi ashiwo uJabulani Rabede, odume ngelikaSjava endimeni yobumnandi.
USjava ukhiphe le albhamu ngesonto eledlule nethe nje iphuma yaba nesasasa kwabaningi.
“Le albhamu ethi Umqhele inezingoma ezingu-18, nelandela i-albhamu engayikhipha ngo-2016 ethi Isina Muva abantu abasayithokozela kakhulu. Ngiyabonga kubantu bakuleli ngokulokhu beqhubekile bengikhombisa uthando uma kukhona engikukhiphayo. Ngiyathemba njengoba isiqalile nje ikhulumisa asebeyilalele nabangakayitholi bangaphuthuma bayoyithola ezitolo ezihlukene zomculo ngisho nakumaDownloads,” kusho uSjava.
Uthe le albhamu ishaya ngesigqi esijwayeleke ezingomeni zakhe.
“Abantu bajwayele ukuthi izingoma zami ezothando futhi ziphinde zikhuluma ngokuhlukana kwabantu, kodwa akunjalo. Izingoma zami zikhuluma ngezinto engizibona emphakathini bese ngibhala ngazo,” kuchaza yena.
Uthe akagxili kwezothando kuphela kodwa nanoma yini eyenzakalayo uyacula ngayo.
Uthe kule albhamu usebenze nabantu okukhona kubo uTshego, Raf, MG nabanye.
“Ayikho ingoma ekhuluma ngokuwina kwami emcimbini amaBET, ngoba bengingafuni kuthiwe ngiyachoma. Kodwa lo nyaka ube muhle kakhulu kimi futhi ngeke ngiwulibale,” kuchaza yena.
Le nsizwa yaseBergville ikhipha le lbhamu nje kukhona ingoma yayo ethandwa iningi ethi Abangani.
USjava uthe ngale ngoma uncoma ngayo unina owaba neqhaza elikhulu empilweni yakhe emkhulisa.
“Noma bangathi ngiwuMamas Baby anginankinga kodwa mina nomama ngiyazi la siqhamuka khona,” kuchaza yena.
Ithalente elisha asebenze nalo kule albhamu uthe u-Amz noXola.