Ezokungcebeleka

UGogo Maweni uzigqaja ngokuthakatha amashende

Mbali Khanyile|Published

UMAKGOTSO Lee-Anne “Gogo Maweni” Makopo Isithombe: SIGCINIWE

ISANGOMA sodumo sithi ukuthumela isichitho kwabesifazane abathatha amadoda abantu yikho okuzonqanda umkhuba wabo wokuba ngamadungamuzi aphazamisa abathandanayo.

UMakgotso Lee-Anne “Gogo Maweni” Makopo ufake ividiyo ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto, esabisa abesifazane athe kumele bafundiswe isifundo ngomkhuba wokulangazalela impilo yabanye abantu.

Ushiye abantu beshaya amakhala ngenkulumo yakhe, bekhala ngokuthi ukhuthaza ukuthakatha.

Ekhuluma nentatheli yeSolezwe, uthe sekumele abantu besifazane bahlukane nokuthuka abantu abadunga ubudlelwano babo nabalisa abathandana nabo.

Uthe sekufike isikhathi lapho okumele khona basebenzise isichitho esizoshiya amadungamuzi nesifundo angeke aphinde asikhohlwe.

"Ngenkulumo yami ngicacisa kuthi bha ukuthi abesifazane abamosha imizi yabantu mabawayeke amadoda okungewona awabo. Angiqondi ukuthi kungani abantu benza ihaba elingaka ngayo (inkulumo) ngoba siyawazi sonke umkhuba engikhuluma ngawo.

“Ukuzehlisa isithunzi, ulokhu ufona, ulwa nentombi ekumise kabi othandweni lwakho akusizi ngalutho. Uma ufake isichitho lowo muntu awulwi naye kodwa uyamfundisa ukuthi akahlukane namadoda abantu," kusho isangoma.

Siqhuba sithe asigudluki enkulumeni yaso efakwe kwividiyo esabalele ngoba asiwuqondi umkhuba wabesifazane abalangazelela impilo okungeyona eyabo.

"Anginandaba ukuthi abantu bacabangani ngami kodwa imimoya engihamba nayo yiyo kanye eholela ekutheni inkinga yezithandani ezixakwe ngamadungamuzi, iqedwe ngesichitho. Kulabo abangaqondi ukuthi ngiyathakatha noma ngiyelapha, yinkinga yabo leyo. Angizile kulo msebenzi engiwenzayo ukuzojabulisa abantu abathize kodwa ngilandela ubizo engibizelwe lona," kubeka uGogo Maweni.

UGogo Maweni uke waphumela obala ngo-Ephreli ezinkundleni zokuxhumana ngokuthakatha uSthembiso "SK" Khoza owayelingisa kwiThe Queen. Kwividiyo waveza ukuthi umlingisi akayondli ingane yabo.