LIGQASHUKILE igoda lokusebenzisana phakathi kukaNomalanga “The Flame” Shozi (osesithombeni) neGagasi FM obesekuphele amasonto amathathu engekho emoyeni ngemuva kokumiswa.
Ubethula uhlelo, iThe Flame at Night engena ngoMsombuluko ngo-10 ebusuku kuya ku-1 entathakusa.
Ubephinde enze, iThe Plug Point ngo-4 kuya ku-7 ebusuku ngokubambisana noHeazy.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo ongaphakathi, sengathi okuqhathe lo msakazi nabaphathi ukungaphumeleli ukuza kwezinye izinhlelo zakhe.
Kuphinde kwabikwa ukuthi wabanjwa wubuthongo wazumeka walala esemsebenzini ihora lonke.
Emasontweni amabili edlule Isolezwe labika ngokumiswa kwakhe nokuthi uhlangane nabaphathi kudingidwa udaba lwakhe njengoba wayeqondiswa ubugwegwe.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe bafinyelele esivumelwaneni sokuthi bahlukane noNomalanga.
“Isinqumo sathathwa ngemuva kokuthi kwakhulunywa ngodaba oluthinta inkontileka yakhe, kubhekwa kakhulu ukwanda kweminye yemisebenzi yakhe ngaphandle kwaseKZN,” kusho uKhulekani.
Imizamo yokuthola uNomalanga izolo ayiphumelelanga.
Ngaphandle kweGagasi FM uphinde abe ngumlingisi weRhythm City lapho edlala khona indawo esematheni kaNomalanga. Ubuye abe nohlelo alwethulayo kuMTV Base futhi uyavela nakwiSupersport.
UKhulekani uthe uNomalanga uzobonakala okokugcina njengomsakazi weGagasi FM emcimbini abawuxhasile iDurban Day Picnic ezoba sePeople’s Park, eThekwini ngeSonto.
Uzobe ephethe uhlelo kulo mcimbi.