IYAZIQHENYA ngokudedela ingoma yayo yesibili yize kungelula ngendlela eyayicabanga ngayo kule ndima intokazi yase-Eastern Cape, u-Ayanda odume ngelika-Ami Faku.
U-Ami (26) usanda kukhipha ingoma ethi Ubuhle Bakho angangabazi ukuthi abantu bazoyithokozela njengeyokuqala eyayithi Ndikhethe Wena ayikhiphe ngonyaka odlule.
Le ngoma esiqalile ukuzwakala eziteshini zomsakazo ezehlukene okukhona kuzo iMetro FM, Lesedi FM, Jozi FM nezinye iphume ekuqaleni kwesonto eledlule.
U-Ami uthe le ngoma ihluke kakhulu kunezinye aseke wazikhipha phambilini.
“Izingoma eziningi zothando zisuke zikhuluma ngabantu besifazane ngakho ngibone kungcono ukuthi ngibhale ingoma yothando ebheke kubantu besilisa njengoba kungethina besifazane kuphela abathanda ukukhonjiswa uthando kodwa nabo bangabantu bayadinga ukubona ukuthi bayathandwa ngabesifazane abathandana nabo ngisho abasemindenini yabo,” kusho * -Ami.
Uthe abantu besilisa kumele baphinde bakhonjiswe ukuthi kukho konke okuhle abakwenzayo siyababonga.
“Kuleli nje angikhumbuli kuba nengoma yothando eqhakambisa umuntu wesilisa ngakho ngiyathemba ukuthi bazoyijabulela futhi nabo bazozibona njengabantu ababalulekile emphakathini,” kuchaza le ntokazi.
Le ngoma uthe izokwenza okuhlukene emizweni yabantu ngoba abanye izobafikisela ngosizi abanye ibajabulise.
“Izingoma eziningi ngiyazibhalela zona njengoba ngibheka noma yini eyenzeka emhlabeni, enhle nembi, bese ngibhala ingoma,” kuchaza yena.