UMA kukhulunywa ngabasakazi abanekhono emkhakheni wozokusakaza, igama likaBongani Mtolo (38), alisali ngaphandle.
Muva nje le nsizwa ezalelwe eRichmond, isanda kuhlomula ngendondo emcimbini amaLiberty Awards, eGoli ngohlelo elwenza emsakazweni, i-East Coast Radio phakathi nezinsuku kusuka ngo-3 kuze kushaye u-6 ntambama.
UBongani uthi yize ayazi ukuthi angenza into yamehlo kunoma yisiphi isiteshi esinabalaleli abaningi abamnyama kodwa wakhetha ukuya kwesabebala ngoba efuna ukungafani nabanye.
“Ukusakaza ngangingakucabangi ngikhula, ngisho sengiqede umatric ngo-2000, eMaritzburg College. Kodwa ekhaya ngelinye ilanga kwafika ubaba uBhodloza Nzimande ezobona ubaba ngenxa yokuthi babesondelene futhi yena ubaba wayenguthisha wakhe uBhodloza. Le nto yangijabulisa kakhulu ngenxa yokuthi ngangijwayele ukumuzwa emsakazweni ngiphinde ngimbone nakwithelevishini ethula izinhlelo ezihlukene. Ngafikelwa wuthando lokusakaza ngazitshela ukuthi ngifuna ukufana naye,” kuchaza uBongani.
Uthe eqeda isikole wabe esethuthela eThekwini, wasebenza enkampanini yezimoto. Waya eSABC ayoqopha iDemo ayezofuna ngayo umsebenzi.
“Zisuka nje ngazitshela ukuthi ngeke ngiye kulezi ziteshi okuya kuzo intsha efuna ukukhula. I-East Coast Radio ngasho ingakangiqashi ukuthi izoba yikhaya lami. Ngo-2010 ngaya khona. Kwakunezinhlelo zangempelasonto ababengibiza kuzona kodwa ngiyokwenza okuhlukile ekusakazeni. Zangisiza kakhulu lezo zinhlelo ngathola ithuba lokufunda lokuthi izinkinobho zakhona zishintshwa kanjani. Ngo2015 bangitshela ukuthi kunokuthile ababona bekudinga kimina. baqale ngokunginika izinhlelo zasebusuku ngezimpelasonto, kwaze kwaba ngithola olwantambama engisalwenza namanje,” kuchaza uBongani.
UBongani uthi ukusebenza kanzima yikhona okumthathe kwambeka lapho ekhona njengamanje.
“Emsakazweni engikuwona manje ngibe ngowesibili kwabamnyama ukuba nohlelo olukhulu njengalolu engilwenzayo manje. Owokuqala kwaba nguPhat Joe owayebambisene noZaba Simbine.
Ukukhuluma ngokungesabi nabantu engisuke nginengxoxo nabo emsakazweni kwenze uhlelo lwakhula. Imibuzo engisuke ngiyibhekise kumuntu ngiyihloma ngokungesabi. Nokuphawula ezinkundleni zokuxhumana kungisize kakhulu,” kuchaza uBongani.
Uthe uxhaso aluthole kubantu nakwinkosikazi yakhe lusho lukhulu. Wake washiya umsebenzi kwaphoqa ukuthi adayise imoto wabuyela ekuhambeni ngamatekisi.
“Uma unabantu abazokukhombisa uthando noma isimo sinjani ungafika la ufuna khona empilweni. Mina ngadlula ezintweni eziningi ukuze ngibe lapha ngikhona kodwa isibindi singisizile kakhulu,” kuchaza uBongani.
Uthe emsakazweni ufuna ukushayela uhlelo lwasekuseni noma abe nezinhlelo emisakazweni emibili emikhulu.
“Kodwa okukhulu ukusiza abantu ngisebenzisa wona umsakazo. Umsakazo mkhulu ngakho ngifuna ukuwusebenzisa ngenze into enhle ezosiza abantu kuleli. Ngifuna ukushiya umsizilo kulo mkhakha ngaziwe ngisho yizingane zabantwana bami,” kuchaza uBongani.
Ngaphandle nje kokuba semsakazweni uBongani uthe ezinyangeni ezintathu ezidlule ukhiphe ingoma ethi Spread Love apike kuyo uTribal.
“Le ngoma ikhuluma ngothando, iwuthando nje kusuka ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Iyingoma ye-house, yenza kahle kakhulu njengoba abantu bekhombise ukuyithakasela. Umculo ngezinye zezinto engizithandayo, yingakho ngithe angenze le ngoma,” kuchaza uBongani.
Uthe uma ezihlalele nomndeni wakhe uthanda ukuhamba nawo baye noma yikuphi.
Benenkosikazi yakhe abaneminyaka engu-9 beshadile, uthe banezingane ezimbili zabafana.
Unkosikazi wakhe uthe ungumuntu okukhonzile ukupheka. Banezinhlelo zokuvula ibhizinisi elithinta ukudla.
Ukudla akukhonzile uthe okwesintu, okukhona kukho amadumbe, jeqe nobhontshisi.
Uthe uyazifela ngomculo kaSjava, Thandiswa Mazwai, Zakwe noDuncan okungabaculi abaxoxa izindaba ezihlukene ngezingoma zabo nokuyinto ayithakaselayo engomeni.