UMCULI wowokholo uThinah Zungu usobishini ngenxa yengoma okuthiwa wayintshontsha kumculi osafufusa owayengenele umqhudelwano owasungulwa nguye iGospel ID.
USiyabonga Cele waseMkhumbane eThekwini uthe ufuna uThinah amkhokhele uR150 000 ngokuntshontsha ingoma ababengenele ngayo umncintiswano wakhe futhi ayejaja kuwo ngo-2015 esihloko sithi Izinyoka yena wayibiza ngokuthi Umbuzo maqede wayifaka kwi-albhamu yakhe ethi Living Testimony.
USiyabonga uthe akaphathwanga kabi ukuthi abawinanga kulo mncintiswano kodwa wacikwa ukuzwa ingoma seyidlala kuKhozi FM, uThinah ezishaya isifuba ngokuthi yaqanjwa nguye.
“Ngayithenga neCD kaThinah ngayifica le ngoma futhi ubabhale bonke abantu abhale nabo izingoma kodwa elami alikho. Kule ngoma ubhale ukuthi uyiqambe noThokozani Langa naye osacula izinhlamvu ezabhalwa yimi kule ngoma.
“Ngiyakhumbula uThokozani efika sisemncintiswaneni kodwa asisolanga lutho, sesiyabona manje ukuthi wayezokopela ukuthi le ngoma siyicula kanjani,” kusho uSiyabonga.
USiyabonga uthe wasuka lapho waxhumana nezikhulu zikaMasipala weTheku, kwabizwa umhlangano, phakathi kwabo noThinah. “Wazivumela yena uThinah ukuthi le ngoma wayithatha kimina, washo ukuthi uGah Ndlela noHappy Gal bamcebisa ngokuthi le ngoma akayicele kimina wangakwenza lokho. Ngiyakhumbula ebuza eqenjini lami ukuthi le ngoma yabhalwa yimi yini ngavuma. Sagcinana lapho naye.”
Uthe wacela kuThinah ukuba aye kwaSouthern African Music Rights Organisation (Samro) ayofaka negama lakhe njengombhali wale ngoma futhi ambhale nakwiCD.
“Ngabe sengimcela nokuthi angikhokhele uR150 000 ngokweba le ngoma yami kodwa wanqaba wathi ababhali bezingoma ubakhokhela uR3 000.
“Ngathi uThinah akahambe ayocabangisisa kahle kodwa wabuye wangifonela ethi le mali inkulu kabi ngoba le ngoma yayingabalulekile kwiCD yakhe kodwa kwakungeyokwengeza.”
Isolezwe ngoMgqibelo lizibonele amaminithi emihlangano ebibanjwa nguSiyabonga noThinah nezikhulu zikaMasipala weTheku okubalwa kuzo uMnuz Sipho Mtshali, Slungile Ncube noThemba Mchunu ngoJanuwari 26, 2016 nangoFebhuwari 9, 2016.
Ebuzwa uThinah ngalolu daba uvumile ukuthi uyazi ngalo kodwa akukho mali azoyikhokhela uSiyabonga.
“Ngemuva kokuba bekhalile ngayikhipha leyo ngoma kwi-albhamu kodwa sazifakela amanye amagama. Ngamtshela ukuthi ngimbhala kwaSamro ngezinhlamvana zakhe kodwa waba nekhanda eliqinile,” kusho uThinah.
Uqhube wathi okwamenza wayikhipha kusaphele izinyanga ezintathu iCD iphumile wukuthi uSiyabonga wayesefuna uR150 000 ngeculo elalingemqoka kwi-albhamu, okwakungelokwandisa isibalo.
“Yingakho salikhipha. Angimkweleti lutho,” kuphetha uThinah wodumo lwengoma ethi Nginguthandiwe nelithi UJesu Ufika Ekuseni.
USiyabonga uthe uzokwenza isiqiniseko sokuthi umembula izinqe uThinah ukuze abonwe yizwe lonke ukuthi unenhliziyo enjani.
“Wenza umncintiswano enze sengathi ufuna ukuvumbulula ikhono ukuze umasipala umxhase kanti ufuna ukudla amandla abaculi abasafufusa. Ngifuna ukumnekela izwe lonke ukuze afunde isifundo sokuthi angaphinde akwenze lokhu.”
Ebuzwa uSiyabonga ukuthi ubethuleleni yonke le minyaka uthe ubesaqoqa ubufakazi ngoba ubengafuni ukuduma ngoThinah.
Sekungumlando ukuthi uThinah akaseyona ingxenye yalo mncintiswano oxhaswe wumasipala. Ebuzwa ukuthi wakhishwa yini uvele wangena ezintangeni.
USiyabonga usebuya emazweni amaningi ecobelela amaciko ngolwazi koGermany, England, Holland, Scotland namanye. Neqembu lakhe iMkhumbane Choir lake lawina emiqhudelwaneni yesicathamiya ePlayhouse ngo-2011, 2014 nango-2016.