USOMAHLAYA waseThekwini ovele kuhlelo lwabantu abasuke befuna uthando, iDate My Family, uSiyanda Maphumulo, uthi lokhe amgcina ngosuku lokuqopha owesifazane amqoka kulolu hlelo
.
USiyanda uphenduke undaba mlonyeni izolo ezinkundleni zokuxhumana eshiya abaningi befa yinsini evela kulolu hlelo eyozifunela umaqondana.
Ekugcinen ukhethe uYoliswa, ekupheleni kohlelo oveze ukuthi usangathanda ukumbona okwesibili uSiyanda. Engxoxweni neSolezwe ngemuva kwalesi siqephu uSiyanda uthe uYolanda wamgcina ngosuku lwesidlo.
“Mina empeleni bengizitshela ukuthi asivumelekile ukubonana uma isiqephu singakaveli kwithelevishini. Asikazikhiphi okwesibili noYoyo (Yoliswa) ngoba bengisalinde ukubona ukuthi ekupheleni kohlelo wathi usafisa yini ukungibona noma cha,” kusho lo somahlaya.
Uthe noma ekujabulela ukuvela kulolu hlelo, iyanda ingcindezi yokuthi babonwe okwesibili noYoliswa.
“Abantu bafuna sibonane okwesibili. Ngithintwe ngisho uma nobaba bethi bayambona umakoti bangijabulele. Ngiyafisa nami sibonane okwesibili kodwa kulokhu engathi singakwenza esidlangalaleni ngoba abantu bayafisa ukubona siqhubeka,” usho kanje.
Ebuzwa ukuthi ngabe usemtholile yini umaqondana selokhe kwaqoshwa lolu hlelo, uthe namanje kusabheda.