UFUNA ukuza nezinguquko endimeni yamafilimu kuleli umqondisi wawo osezakhele igama ngokubhala aphinde aqondise amafilimu, uNksz Lwazi Mvusi(28).
Usanda kubhala ifilimu ebizwa ngokuthi, iFarewall Ella Bella, eqale ukukhonjiswa kumgubho wamafilimu waminyaka yonke, i-Durban International Film Festival ngeledlule kanti ishiye abaningi begezeke igilo ngezinga eliphezulu lalo mdlalo.
Le filimu ephethe abalingisi abanohlonze okubalwa kubo uSello Maake kaNcube, Katlego Danke noJay Anstey iveza impilo yowesifazane othatha uhambo esuka eBeaufort West, eWestern Cape, elibangise eGoli lapho asuke ezofihla khona umlotha kababa wakhe osanda kushona. Enye yezinto ezishayelwe ihlombe ngale filimu ukuthi umsebenzi wokuyikhiqiza wenziwe kakhulu ngabantu besifazane.
“Ngiyakholelwa ekubeni ngumuntu oletha uguquko emphakathini, kunabantu abacabanga ukuthi kunemisebenzi eyenziwele abantu besilisa kuphela, lokho akukho abantu besifazane bangenza noma yini olwenziwa abesilisa yingakho ngilande bona baba baningi kulo mdlalo,” kuchaza uNksz Mvusi.
Uthe abesifazane abesebenza nabo bebengophrojusa, abanye benza umsebenzi we-camera, iziphaqulo, kanti nalabo abebezoqeqeshelwa umsebenzi uthe bekungabantu besifazane.
Exoxa ngeFarewell Ella Bella uNksz Mvusi, oneBachelor’s Degree in Motion Picture ayiphothule e-AFDA ngo-2010, uthe bekubalulekile kuyena ukuthi aveze izindawo ezingavamile ukukhonjiswa kumafilimu akuleli.
“Empeleni ngathola ugqozi lokushutha le filimu ngesikhathi ngithatha uhambo nomndeni wami sisuka eKapa siya eGoli. Kubalulekile ukuthi sizijwayeze ukubona amadolobha amakhulu kodwa asikuvezelwa okuphakathi nawo. Ifilimu yami igxile kulokho nasekuvezeni impilo yabantu abahlala emphakathini emincane,” kuchaza uNksz Mvusi okhulele eThekwini kodwa osehlala eGoli.
Uthe kumjabulise kakhulu ukusebenza nabalingisi asebezakhele igama kwezokulingisa kuleli. Uthe okumchaze kakhulu ngabo ukuthi bebengenakho ukuzikhukhumeza futhi ufunde lukhulu kubona.
Wrapping up a great weekend at @DIFFest. Thank to everyone who supported us at our premiere on Friday night. Well to this amazing cast and our director @lwazimvusi.
Image: @SiphiweMhlambi pic.twitter.com/rWQmeDxaRw
— Farewell Ella Bella (@farewellellaB) July 23, 2018
IFarewell Ella Bella uthe izoqala ukukhonjiswa ema-cinema akuleli kusukela ngo-Agasti 17. Ngaphandle kokukhonjiswa kuleli uNksz Mvusi uthe isike yakhonjiswa kumgubho wamafilimu eZanzibar kanti isazokhonjiswa naseMorocco.
Phakathi kwezingqinamba ezibhekene nabakhiqizi bamafilimu kuleli ukungabukwa kwawo uma esema-cinema. Ephawula ngalokhu uNksz uthe enye yezinto abakhiqizi bamafilimu abasadinga ukuzifunda kangcono ezokukhangisa.
“Uma sikhuluma ngamafilimu aphesheya nje, kuyimanje aseqalile ukukhangiswa lawo azokhonjiswa ngonyaka ka-2020. Nathi sidinga ukufika kulelo zinga kwezokukhangisa ukuze abantu bezokwazi ngamafilimu ethu. Siyadinga nokuqonda uhlobo lwamafilimu oluthandwa ngabantu bakuleli. Abantu bakuleli bafuna amafilimu azobajabulisa, azobenza bakhohlwe ngezinkinga zansuku zonke,” kuchaza yena.
@Mcebo_Khuba