ITHELA izithelo iGcwalis’iMabhida kaKhuzani Mpungose njengoba
abaculi bakamaskandi sebephenduke inyama kozakwabo abenza ezinye izinhlobo zomculo.
Ubufakazi balokho ukupikwa kwaBafana BakaMgqumeni engomeni yomrepha wemotswako, uRefilwe Moeketsi kodwa odume emculweni ngelikaFifi Cooper.
Le ntokazi yodumo lwengoma esihloko sithi Chechela Morao nethi Kisses, yenze ngokuhlanganyela naBafana BakaMgqumeni noBig Zulu iculo elisihloko sithi Sthandwa Sami.
Ekhuluma neSolezwe ngoMgqibelo, uFifi Cooper obuye abizwe ngeMotswako First Lady, uthe yena ubengazi lutho ngomculo kamaskandi.
“UBig Zulu ongitshele ngawo futhi wangikhombisa i-video yomcimbi kamaskandi ayecula kuwo.
“Wabuye wangikhombisa ne-video yomaskandi begcwalise iMoses Mabhida Stadium, ngachazeka kakhulu.
“Ngithande nendlela abagida ngayo esteji,” kusho uFifi Cooper.
Uthe yena ungumculi owaziwayo ngokuthanda ukudidiyela
izinhlobo ezihlukahlukene emculweni wakhe.
Esechaza ngokusebenza naBafana BakaMgqumeni, uthe bavele bamkhumbuza emakhaya ngomculo wabo.
“Bangenze ngazibona ukuthi empeleni ngingubani futhi ngivelaphi njengom’Afrika. Le ngoma izotholakala e-albhamini yami ethi New School, ezophuma maduze.”
Umholi waBafana BakaMgqumeni, uNelisani ‘Ndlemnyama’ Mseleku, uthe kubafundise lukhulu ukusebenza noFifi Cooper.
“Yize besingiqali ukusebenza nabaculi bezinye izinhlobo, njengoba sike sasebenza noMampintsha wekwaito kodwa besiqala ukucula engomeni eshaywe ngesigqi se-hip hop.
“Yingakho le ngoma ingeke ibe kwi-albhamu yethu ngoba ishaywe ngesigqi se-hip hop,” kusho uNdlemnyama osanda kuhlekisa abantu ohlelweni lwethelevishini iDate My Family.
UFifi Cooper, odabuka eMontshiwa, eNorth West, ungene emculweni ngo-2008 ngesikhathi epikwa e-albhamini kaMo’Molemi ethi Motzamai: Rebel With a Pause ngaphambi kokukhipha umucwi ayesehamba khona yedwa othi Chechelwa Morao.
Wabuye wapikwa engomeni ka-AKA ethi Baddest, ekaMo’Molemi ethi Asia, ekaKhuli Chana ethi Lost in Time nekaLection ethi Gentlemen’s Club.
Ngo-2015 lo mrepha wawola izindondo ezintathu kumaMetro FM Music Awards futhi waphinde waqokwa kumaSama emikhakheni emithathu nge-albhamu eyayithi 20FIFI.