UKHONJWA ohlelweni lwasekuseni kwiGagasi FM uFelix Hlophe oshayela iMidday Shandis
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uFelix uyena osezovala isikhala sikaMzokoloko obeshayela lolu hlelo kwiGagasi FM. UMzokoloko usanda kushiya kwiGagasi esekuKhozi FM.
Umthombo uveze ukuthi uFelix uyena obonwe ekulungele ukushayela uhlelo.
“Njengamanje seziqalile izingxoxo zokuvuselela izinkontileka zabasakazi. UFelix uyena osezoshayela uhlelo lwasekuseni ehamba noNjabs. Kumanje lolu hlelo lusabanjwe uNjabs noHeazy abebesebenza noMzokoloko. Ukhona omunye esingakamazi okuthiwa uzoba noFelix noNjabs ohlelweni njengoba uHeazy kuthiwa uya kwiMidday Shandis eshayelwa wuFelix njengamanje,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi uSphectacula noNaves abashayela uhlelo lwantambama ngo-3 kuya ku-6 phakathi nezinsuku ngeke besahamba njengoba kuke kwaba namahlebezi athi bafuna ukushiya kwiGagasi FM.
“Laba basakazi bancengiwe ukuthi bangashiyi, bathenjiswa ukukhushulelwa nemali. Bebekhala ngokuthi kunezinto eziningi abamatasa ngazo yingakho bese befuna ukushiya. Yize bevumile ukuthi basazoba khona kodwa imibandela abayibekile eyokuthi kuzoba wunyaka wokugcina ngoba bafuna ukuthi bayoqhubeka neminye imisebenzi yabo ngonyaka ozayo,” kusho umthombo.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe akukho angakuphawula ngezinguquko okwamanje.
“Sizozimemezela ngasekupheleni kuka-Ephreli izinguquko emsakazweni. Njengokujwayelekile abasakazi baqala ukusebenza ekuqaleni kukaMeyi ngezinkontileka ezintsha. Ngeke ngikwazi ukuphawula ngamahemuhemu ashiwo abantu,” kusho uKhulekani.
Ngokujwayelekile izinguquko bayazihlonipha kwiGagasi FM. Bavamise ukuthi babe nomcimbi omkhulu wokumemezela abasakazi abasha okusuke kumenywe abezindaba nezicukuthwane.