UMNDENI womculi wowokholo uDumi Mkokstad usuzwakalise ukudumala ngokubhalwe ngaye kuleli phephandaba ngeSonto eledlule.
Isolezwe ngeSonto libhale ngentokazi enguNomfundo Ngcobo(21) yaseSiphingo Hills, eThekwini, ethe yakhuleliswa yilo mculi maqede wayiphoqa ukuthi ikhiphe isisu.
Isolezwe ngeSonto liye emzini kadadewabo kanina kaDumi, ePhase 4, eMbali, eMgungundlovu, ukuze lithole umuzwa wawo ngalolu daba.
U-anti wakhe omncane elimfice khona ongathandanga ukudalula igama lakhe, uveze ukuthi uDumi umazisile unina ngalolu daba ngesikhathi seluphumile ngeSonto ephephandabeni.
“Thina sizwe sesitshelwa ngunina ukuthi uDumi usolwa ngowesifazane othi umkhulelisile maqede wathi akakhiphe isisu. Asikakayikholwa le nto eshiwo ngaye futhi akukho esizokusho kuze kube kuphawula uDumi kuqala. Siphatheke kabuhlungu ngale nto. Simazi engumuntu olungile futhi ongafanelwe yilokhu okushiwo ngaye.
Sikholwa wukuthi ngelinye ilanga liyovela iqiniso. Sicela nabantu bangamehluleli uDumi bengakaluzwa uhlangothi lwakhe,” kusho u-anti wakhe.
Uthe abaphiki futhi abavumi ukuthi uDumi uyenzile le nto asolwa ngayo kodwa bazozwa ngaye uma esebachazela.
Ngesikhathi leli phephandaba lisakhuluma nalo mndeni kungene ucingo komunye wodadewabo kaDumi, okuthiwe unguLondi.
ULondi uthe uDumi omfonelayo. UDumi ucela ukukhuluma nentatheli. “Mfowethu ufunani kwa-anti wami? Awunalo ilungelo lokuya emndenini wami. Ngicela ningihloniphe bakwethu,” kusho uDumi ekhuluma nentatheli ocingweni.
Ngesikhathi esho kanje uphinde wacelwa ukuthi aphawule ngalolu daba kodwa wavele waluvala ucingo.
Omunye udadewabo kanina ozibize ngoPinky kodwa wangasidalula isibongo sakhe, uthe uDumi ukhule ehlala kuyena eMgungundlovu kodwa akukho azokuphawula ngezinsolo ezibhekiswe kuyena.
“Inkinga ngizothi uma ngikhuluma bese niyayihlunga inkulumo yami, ningakuvezi konke engikushoyo. Ngalokho akukho engizokuphawula. Silinde uDumi akhulume kuqala,” kusho u-anti wakhe.
Isolezwe ngeSonto likhulume nonina kaDumi uNkk Dudu Nzimande, othe ubone ephephandabeni ngezinsolo ezibhekiswe kuDumi kodwa ubengakaze abatshele lutho ngazo.
“Akukho engizokuphawula ngale nto eshiwo ngoDumi. Ubengakaze asho lutho naye emndenini.
Sigcine ngokubona kubhalwe ephepheni okushiwo ngaye. Silindele ukuthi lo osho lokhu eze kithina azosibikela ngakho,” kusho uNkk Nzimande.