UMA umbona elahla umlenze edansa ebhuquza uDr Malinga, ngeke uzitshele ukuthi ngaphandle kwalento ayenzayo unephupho lokuba yinkinsela kasomabhizinisi ngelinye ilanga.
Yize esazimisele ngokuqhubeka nokubhuquza kodwa ukuba usomabhizinisi wezindawo zokungcebeleka ezifundazweni ezahlukene kungenye yezinto eziphambili ezinhlelweni zakhe.
UDr Malinga uzovula ngokusemthethweni indawo yezokungcebeleka iLinGas Resort eMpumalanga. Le ndawo azoyivula ngo-Ephreli 20, uthi abantu bazozikhiphela kuyo nemindeni yabo ngempelasonto nangamaholidi bezobhukuda, bathole nendawo yokudla nemidlalo ehlukene.
UDr Malinga uthi okwamanje abantu abakazobhukha balale kule ndawo kodwa ngokuhamba kwesikhathi bazokwazi ukukwenza konke.
“Senginesikhathi ngisebenza le ndawo, ngonyaka odlule bese ngivele ngiyakha kodwa kwamisa ezinye izinhlelo zomculo.
“Ngifuna ukulenza ifranchise leli bhizinisi lisabalale kuzona zonke izindawo. Ngiqale eMpumalanga okwamanje, uma ngiqeda ngizoyoyivula ngasekhaya eHammanskraal,” kusho uDr Malinga.
Eqhuba uthe zikhona nezinhlelo zomculo amatasa ngazo njengoba ehlele ukuphumela ngaphandle kulo nyaka.
“Ngifuna ukuya emazweni ase-Afrika ngiphumele ngaphandle. Ngiyazi abantu bayangeseka futhi bayawuthanda umculo wami kodwa kufanele ngiphumele nangaphandle.
“Ngizoba nochungechunge lwamakhonsathi maduze nje engizobe ngethula kuwo umucu omusha,” kusho uDr Malinga.
NgoMsombuluko uMalinga uphinde wazisa abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sekusele kancane ethule ama-condom akhe, iDr Malinga Condoms ahambisana nesiqubulo esithi 'Kick it Safe'.
Ingoma asanda kuyikhipha noKwesta ethi Indlela, uthi yenza kahle kakhulu nayo ngeke ayishiye ngaphandle uma esemaketha umculo wakhe.