ISINGWENWE uDJ Zinhle impi ephakathi kwabethuli bezinhlelo uPearl Thusi noNtsiki Mazwai enkundleni yokuxhumana itwitter.
UDJ Zinhle ungene impi yamazwi ephakathi kwalaba kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi uNtsiki usehoxile ekuveleni kuhlelo olwethulwa uPearl Thusi, iBehind the Story obekulindeleke ukuthi ageqe amagula kulo ngendlela aziphatha ngayo ezinkundleni zokuxhumana.
Kuvela lokhu nje ngeledlule kusuke umsindo phakathi kwalaba ngesikhathi uNtsiki ethi uPearl ungumuntu ongathendeki. UPearl wabe esephendula ngokuthi uNtsiki ubukeka ewumuntu okhule engathandwa, wacela abalandeli bakhe kutwitter ukuthi bamkhombise uthando.
Izolo kuTwitter uPearl Thusi ubhale wathi ophrojusa bakhe baqeda ukumazisa ukuthi usehoxile ekukhulumeni ngempilo yakhe kwiBehind the Story uNtsiki.
“Ngisanda kuzwa ukuthu uNtsiki usehoxile ekubeni kwiBehind the Story. Ngijabhile kakhulu ngoba indlela ebengizombuza ngayo imibuzo ibingeke imuphathe kabi, uma lokho bekuzoba yinkinga. Bengilindile ukuthi sibe nengxoxo evundile nenolwazi, kodwa ke…” kusho uPearl kumbhalo abuye wawususa ekhasini lakhe kutwitter.
Kuthe kusenjalo kwangena umngani ka Pearl Thusi omkhulu, uDJ Zinhle, wathi uNtsiki ufana nazo zonke eziqhwaga ezisezinkundleni zokuxhumana ngokubaleka uma sekumele zikhulume nabantu ngqo emehlweni.
Uqhube waveza ukuthi akaphawuli ngoba uPearl ewumngani wakhe kuphela kodwa naye useke wabhekana nesimo esifanayo.
“Ngikhuluma ngento engiyaziyo. Nami sengake ngazithola kulesi simo kaningana futhi angikaze ngiphawule kabi ngale ntokazi. Ngimdala kanti ngiyazi akuthi akuhlangene nami, abanye abantu uma bengaphathekile kahle bethemba ukuthi bazozizwa kangcono uma behamba benyathela abanye,” kubhala uDJ Zinhle ku-Twitter.
Typical cyber bully.. They are only brave behind their phones.
— #MeetingYourPower #ERAbyDJZinhle #ZeeNation (@DJZinhle) May 27, 2019
Not even. Im talking from experience. Been a victim myself & not once have I ever said anything negative about the lady. I'm jus grown & I know that none of it has anything to do with me, some people r feeling so low & the only hope of ever feeling better is by stepping on others
— #MeetingYourPower #ERAbyDJZinhle #ZeeNation (@DJZinhle) May 27, 2019
UNtsiki Mazwai akazibekanga phansi, waphendula wathi ngelinye ilanga luzoba khona olunye uhlelo ayogeqa kulo amagula kodwa lokho ngeke akwenze kwiBehind the Story.
Uthe lolu hlelo alulona isiqalo nesiphetho sakho konke. Ube esephendula nangokuphawula kukaDJ Zinhle wathi mhlawumbe uthintwe ukuthi usanda kuncoma uBonang muva nje.
*Laughs in cum Laude https://t.co/TVytqZ8GnY
— Nontsikelelo Mazwai (@ntsikimazwai) May 28, 2019
Guys the right person to interview will come up....relax. That show is not the be all and end all..... https://t.co/wMufV47Ozl
— Nontsikelelo Mazwai (@ntsikimazwai) May 28, 2019