OMUNYE wophrojusa asebezakhele igama endimeni yomculo kuleli, uDJ Sliqe (Lutendo Kungoane), ufeze isifiso sabaningi ehlanganisa omrepha obekukholelwa ukuthi kabasadlelani.
UDJ Sliqe ngenyanga edlule ukhiphe i-albhamu yakhe yesibili, iNavy Black, equkethe amaciko aphambili kuleli okubalwa kuwo u-AKA, Riky Rick, Kwesta, Reason, ChianoSky nomrepha wase-United States uSy Ari da Kid, ongaphansi kweCash Money eyasungulwa nguBirdman. Ngaphezu kwala maciko uSliqe uphinde wapika u-Emtee noMaraza eculweni elilodwa iKasi Anthem. Labo mrepha bekusolwa ukuthi kabasaboni ngaso linye nakuba beqale ukuqopha umculo ndawonye ngaphambi kodumo.
“Siqophe i-video yeculo nabo ndawonye muva nje. Bebezipholele, behleka kumnandi. “Abantu bakhombise ukukujabulela kakhulu ukuthi ngikwaze ukubahlanganisa eculweni elilodwa kodwa bengizibuza ukuthi kungani bejabula kangaka ngoba ngokwazi kwami bangabangani abakhulu,” kusho uSliqe.
A post shared by Sliqe(@sliqe) on Aug 14, 2018 at 5:41am PDT
Lo phrojusa uqhube waveza nokuthi ubefuna ukubuyisa ‘umculo’ kwiHip Hop, nokuyisizathu esimenze wasebenza namaciko afana no ChianoSky, eculweni elinesiginci esicishe sifane nesikamaskandi. Echaza ngokusebenzisana nomrepha wase United States, uSliqe uthi wamthumelela umyalezo ku-Instagram.
“Ngamthumelela umsebenza wami wawuzwa wawuthanda, wabuyisa izinsimbi engangimthumele zona sezihamba nevesi. Uma unikeza amaciko ‘ubuciko’ bakho bayakuthokozela kakhulu lokho futhi bayakukhombisa,” kuchaza yena.
Ngaphambi kwale albhamu, uSliqe owaba nguDJ wokuqala we-hip hop ukuwina iSouth African Music Award ngo-2016, ukhiphe i-albhamu enesihloko esithi Injayam Vol. 1. Uthe iNavy Black indlalelela iVol. 2 athe useqalile ukuyipheka.