UMETHULI wezinhlelo obuye abe ngusomabhizinisi, uDJ Sbu, usememezele ukuthi usungule inkampani nomakadebona womculi weKwaito, uMzekezeke.
UDJ Sbu, ongomunye wabasunguli beTS Records eyakhiqiza amaciko aphambili kuleli okubalwa kuwo uPRO, Brown Dash, Zahara nabanye, uqinisekise lezi zindaba ngoLwesine.
Engxoxweni neTshisaLive lo msakazi uthe uzodalula eminye iminingwano ngalesi sitebele ngokuhamba kwesikhathi.
“Ngisungule isitebele esisha somculo esizobizwa ngeMzekezeke Music. Inkampani isibhalisiwe kanti iculo lokuqala esilikhiphile kuyo ngelami noPortia ezinsukwini ezimbalwa ezedlule," kusho lo msakazi weMassive Metro.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi bavele bayihleka le ndaba kwazise sekunesikhathi kuthiwa uDJ Sbu noMzekezeke umuntu oyedwa.
MZEKEZEKE MUSIC presents
brand new @realmzekezeke single in 10 years. #NayLento dropping 02 NOVEMBER 2018 on all your music platforms 🔥🔥🔥 pic.twitter.com/lGWLniiLjR
— #Beautiful (@djsbu) October 18, 2018
UDJ Sbu uthe iculo lokuqala eminyakeni eyishumi likaMzekezeke lizophuma ngoNovemba 2 kanti kubukeka engathi lizobe liqukethe nenkakha yophrojusa uDJ Cleo. Umzekezeke wazakhela udumo ngamaculo okubalwa kuwo elithi Akekho Ugogo, Guqa Ngamadolo, nelithi Izinyoka.
Ngaleso sikhathi abantu babezibuza beziphendula ukuthi ngabe akuyena yini umuntu oyedwa uDJ Sbu noMzekezeke. Namanje abantu basamchitha uSbu uma ephika ukuthi unguMzekezeke.
Dj Sbu you can't fool SA again we all know u were that Mzekezeke guy hiding in a musk😂 pic.twitter.com/ERIAUlNxNc
— NO CHILL SATAFRIKA🇿🇦 (@Nochillsatafrik) October 17, 2018
I Want DJ SBU To Interview Mzekezeke,I Wanna See Something pic.twitter.com/JvwpYTDKZI
— B A N Z O (@Banele_thompsy) October 18, 2018