UMSUNGULI weTS Records, uSbu Leope, odume ngelikaDJ Sbu, usexwayise uZahara ngokuthi uzomthathela izinyathelo zomthetho uma eqhubeka etshela abezindaba ukuthi le nkampani imkweleta izigidi.
UZahara, ogama lakhe lokuzalwa nguBulelwa Mkutukane, kuleli sonto ube sematheni eveza ukuthi uzobopha le nkampani njengoba ethi imkweleta uR10 million.
Uthe le nkampani ihlulekile ukugcina isivumelwano sokuthi bazomnikeza u-70% inkampani ithole u-30% wemali yokucula kwakhe emicimbini.
Uthe ubeqashwa ngoR150 000 kodwa anikezwe uR15 000.
NgoLwesihlanu uDJ Sbu ukhiphe isitatimende esishicilelwe ummeli wakhe uDavid Feinberg lapho ecacise khona ukuthi ayikho imali abayikweleta uZahara beyiTS.
“UBulelwa Mkutukane odume ngelikaZahara ubengaphansi kweTS Records ngesikhathi eqopha ama-albhamu akhe iLoliwe, Phendula neCountry Girl. Lawa ma-albhamu asathsalaliswa yi-EMI South Africa kanye ne-Universal Music.
FUNDA:
Ngokwazi kwethu umculi nophrojusa balawa ma-albhamu bakhokhelwa futhi basaqhubeka nokukhokhelwa onke ama-royalties okwavunyelwana ngawo,” kusho isitatimende.
Ummeli weTS ube eseveza ukuthi le nkampani icela ahoxe ekuhubhuzeni amanga ngayo ezindabeni. Uthe ngokomthetho kumele ngabe uthathelwa izinyathelo njengamanje ngoba udicilele phansi isithunzi seTS ngezinkulumo zakhe kwabezindaba kuleli sonto.