USHISE indlu kaninakhulu umculi kamaskandi waKwaHlabisa okuthiwa ubexabene nomzala wakhe bephuzile, uMroza Fakude owaduma ngengoma ethi Elamanqamu Namhlanje (S'yobulala uVan Damme).
Lo mculi owaqopha umlando ehlukanisa unyaka ngengoma kamaskandi kuthiwa ushise urawondi kaninakhulu osendaweni yasesiSigujini, KwaHlabisa, ngoMsombuluko.
Kuvela ukuthi udinwe ukuthi umzala wakhe abexabene naye umshaye wamehlula.
Umthombo waleli phephandaba ongashayi eceleni uveze ukuthi lo mculi obephuzile nguye ogalele ngequpha kuqala kumzala wakhe naye obephuzile.
“Umzala wakhe ube esephindisela, balwa bebhuquzisana egcekeni lakoninalume kwaMvubu lapho ekhulele khona. Izagila ezimbili abeziphethe (uMroza) zibuyele ngakumzala wakhe ogcine emshaya ngazo. Ngemuva kokwehlulwa uhambile waya komunye wemizi yakubo owakhelene nawo lo kagogo wakhe,” kusho umthombo.
Uthe ubuye esephethe ucelemba akabange esamfica umzala wakhe wadubela endlini (efulelwe ngotshani) wayokhela ngomlilo.
INDLU okuthiwa uMroza uyishisile
Lo mthombo uthe akucaci ukuthi bebebangani kodwa bangabantu abahlale benukana ngobuthakathi.
“Le nto yokuxabana yinto yakhona emndenini, bahlale benukana ngobuthakathi, sisola ukuthi ingxabano yabo yize bebedakwe utshwala kodwa ishubiswe wukuthi vele bahlala ngokunukana,” kusho umthombo.
Ethintwa ngalolu daba uMroza uthe, yena akabuthinti utshwala futhi nogwayi akawubhemi.
“Mina ngifike ekhaya ngaya kulo muntu ngiyomkhuza ukuthi akayeke ukushaya umfowethu omdala kunami uma ngingekho.
“Ngaso sonke isikhathi uma ngiseGoli, ngihlala ngithola imibiko yokuthi kukhona oseshayiwe ekhaya.
“Bengiyokhuluma lolo daba nokulapho engihlasele khona wangigwaza. Kuyimanje ngilimele ekhanda ngaya emtholampilo ukuze ngithungwe,” kusho uMroza.
Uthe umzala wakhe ungumuntu ohluphayo njengoba eseke
washaya umkhulu wakhe nonina omdala.
“Bese ngibekezele kokuningi akwenzayo. Indaba yokusha kwendlu ngiyizwe sengihambile, angizi nokuthi umlilo oyishisile uqalwe yini,” kuchaza yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aphenya icala lokushisa.
Uthe uphenyo seluqediwe, isinqumo sizothathwa yinkantolo.