UDJ Tira ukhala ngokuntula imali eyanele ukuze asingathe umcimbi wakhe waminyaka yonke iFact Durban Rocks.
Umcimbi wakulo nyaka uzoba ngoJulayi 6, ePeople’s Park eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UTira uthe lo mcimbi udinga uR6 million ukuze uhleleke kahle kodwa yena unoR1 million.
“Into ebalulekile ngomcimbi wukubamba izinga lingehli. Akulula ukwenza lokho,” kusho uTira.
Uthe usazama ukuxoxisana noMasipala weTheku ukuze uzoxhasa. Ngonyaka odlule kwavela ukungaboni ngaso linye phakathi kukaTira noMnyango wezokuVakasha kuMasipala mayelana nokuxhaswa kweFact Durban Rocks.
“Bakhona abaxhasi kodwa abenele. Kunabantu abangekho esifunayo ukuthi babe khona. Yize kunjalo kodwa siyaqhubeka. Lona wumcimbi omdala edolobheni futhi singenza olukhulu inqobo nje uma sithola ukwesekwa okufanele. Ngalokhu okuncane esinakho siyakwazi ukuqasha amaciko esiwaqashayo sithuthukise amanye,” kusho uTira.
Ubonge abantu ngokweseka umcimbi wakhe wathi ngemali yamathikithi bayakwazi ukunciphisa izindleko zingagamanxi kakhulu ephaketheni lakhe.
IFact Durban Rocks yakulo nyaka kuzoba wunyaka wesishiyagalolunye ikhona. Abaculi asebeqinisekisiwe ukuthi bazoba khona kubalwa kubo * -AKA, Sjava, Kwesta, Lady Zamar, A Reece, NaakMusiq, TNS, OkMalumkoolkat, Beast, Busiswa, Babes Wodumo, Culoe De Song, Dladla Mshunqisi, Tipcee, Duncan, Shimza nabanye abaningi.
Amathikithi aseqalile ukudayisa eWebtickets nasePick * Pay ngemali eqala kuR150.
UTira ubuye waveza ukuthi sebeqalile namalungiselelo etende lakhe kwiDurban July ngosuku olufanayo.
“Siyakwazi esisuke sikwenza ngokujabula abantu futhi bazobuthola ubumnandi ababudingayo. Nokuphepha kwabo kuseqhulwini kithi.”