UDEDELWE ngebhiyili ka R5 000 umyeni kaMshoza angasaboni ngasolinye naye, uMnuz Thuthukani Mvula, oboshwe ngezinsolo zokuhlukumeza.
UMshoza uvulele uMvula icala lokushaya, elokusabisa kanye nelokumkhomba ngesibhamu esiteshini samaphoyisa ePhuthaditjhaba eQwaqwa, eFree State, ngesonto eledlule.
Okhulumela amaphoyisa uSergeant Mmako Mophiring wazise iphephandaba lesiNgisi lansukuzonke, iTimesLive, ukuthi uMvula ubesebenzisana namaphoyisa.
“Uzinikelile esiteshini samaphoyisa ePhuthaditjhaba wavela enkantolo kafushane ngemuva kwalokho. Uthole ibheyili kaR5 000 watshelwa ukuthi uzophinde avele ngoMeyi 28 enkantolo. Okwamanje sisaqhubeka nophenyo,” usho kanje.
Phakathi kwemibandela abekelwe yona inkantolo uMvula utshelwe ukuthi akavumelekile ukuxhumana noMshoza.
“Akavumelekile ukuxhumana naye noma ukuzama ukuhlangana naye. Uyakwazi lokho,” kuqhuba uMophiring.
Ekhuluma neSolezwe ngesonto eledlule uMshoza wakuveza ukuthi uzomuvulela icala uMvula.
“UMvula wangishaya ngesibhamu waphinde wathatha imoto yami engizithengele yona ngoLwesihlanu. Ngifuna amaphoyisa angiphelezele ngiyolanda izimpahla zami ngiphinde ngivule icala lokuhlukunyezwa,” washo kanje.
Isimo phakathi kwalaba bashadikazi sishubile ngemuva kokuthi uMvula ebambe uMshoza oqotsheni ‘ejola nomlisa oyiphoyisa’. UMvula wabe esenekela izwe ekhasini lakhe kuFacebook ukuthi uNomasonto ‘Mshoza’ Masangayi uyajola futhi umbambe oqotsheni endlini yesoka lakhe eHarrismith.