UDEDELWE ngebheyili kaR3 000 yiNkantolo yeMantshi eSterkspruit e-Eastern Cape uDJ Kotin, obhekene namacala okuthumba nelokufuna imali ngenkani.
UKotin ogama lakhe lakhe lokuzalwa wuSiyabonga Zikode nasolwa naye emacaleni, uNhlakanipho Oscar Mwandla, bobabili badedelwe ngebheyili emva kwesicelo esishikashike inkantolo izinsuku ezimbili.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) uLuxolo Tyali, uthe abasolwa bavulelwa icala ngowesifazane wase-Eastern Cape emva kwesigameko sezinsolo zokuthumba okuthiwa senzeka ngenyanga edlule.
Uthe abasolwa kuthiwa bafika eSterkspruit behamba ngemoto kukhona kubo nowesifazane owazana nomgilwa, abazana naye ngesikhathi besahlala eGoli bewomakhelwane.
“Kusolwa ukuthi lo wesifazane waya kuye baxoxa wabe esengena naye emotweni ngenjongo yokuthi bayazikhipha ukuyothokozela iziphuzo. Kuthiwa umshayeli washaya imoto wayibhekisa eThekwini. Endleleni kuthiwa owesifazane wanikwa ucingo kwathiwa akashayele izihlobo zakhe afune imali engangoR20 000,” kusho uTyali.
Isolezwe ngeledlule lathola ngomthombo ukuthi uKotin wabonakala naye owesifazane khona eThekwini, waze waya naye endaweni yakhe uKotin edayisa ukudla enkabeni yeTheku, engabonakali njengomuntu othunjiwe futhi ephethe neselula.
Umthombo osondelene noKotin watshela Isolezwe ukuthi wathuka ukuzwa ukuthi owesifazane usevulele uKotin icala lokuthumba.
Kulindeleke ukuthi uKotin noNhlakanipho babuyele enkantolo ngenyanga ezayo.