UMLINGISI womdlalo Imbewu, uXolani Mfeka, uthi ukube wayazi ngabe akavumanga unina amyise esikoleni sabantu abaxube izinhlanga.
Le nsizwa ezalelwe eMkhomazi, yakhulela eManzimtoti, ithe uthando lokulingisa lwaqala isafunda esikoleni samabanga aphansi futhi yayingumculi ohamba phambili.
Uthi ukungakwazi ukuphimisa kahle amagama esiZulu kucishe kwalimaza ikusasa lakhe kulo mdlalo, okhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9.30 ebusuku.
UXolani ulingisa indawo kaNganono, uthi ukuba kulo mdlalo okhula usuku nosuku kwakuyiphupho lakhe.
Ekhuluma neSolezwe uthe ngesikhathi uqala umdlalo wakuthola kunzima ukukhuluma kahle isiZulu.
“Ngeke ngiqambe amanga imfundo uMama noGogo ababengifunela yona yaba yinhle kakhulu futhi ngiyababonga ngalokho. Kodwa kuze kwaba wuJuni siqale ngoFebhuwari ukuqopha la ngize ngakwazi khona ukukhuluma kahle,” kuchaza uXolani.
Uthe kwesinye isikhathi ubeze acele omunye asebenza naye amsize ngamagama anzima ukuwasho.
“Ukulingisa angikufundelanga. Ekhaya bangitshela ukuthi ngeke ngilibale ukulingisa angifundele into ezongifakela imali. Ngenza izifundo zobunjiniyela okwathi ngiziqeda ngaya eGoli. Uthando lokulingisa lwabuya ngaqala ukuthola izindawo ezincane emidlalweni ehlukene okukhona kuyo iGenerations, Zabalaza neGauteng Maboneng,” kuchaza uXolani.
Uthe kule ndawo ayilingisayo manje abantu bazobona okuningi njengoba kungenzeka ukuthi nguNganono okhulelise uZethu (Nonsindiso Gcaba).
Imbewu uthe wumdlalo omuhle kakhulu futhi kuye kuyisibusiso ukusebenza nabantu abafana noLeleti Khumalo, Thembi Mtshali, Tony Kgoroge nabanye.